I-India idlale ngokukhulu ukuzimisela kowe-T20

Razeen Gutta

Ama-Proteas alwe kwaze kwaba sekugcineni ngemuva kokuthi i-India iqophe irekhodi lama-runs angu-238 ukuze iwine okwesibili emidlalweni emithathu yamazwe ngamazwe ye-T20 ihola ngendlela engenakunqotshwa ochungechungeni lo mdlalo.

UTemba Bavuma uvumele i-India ukuthi ishaye i-bat kuqala kanti uRohit Sharma kanye noKL Rahul benze ezibukwayo beshaya isigamu sokuqala sama-innings ngama-runs angu-96.

UKeshav Maharaj bekuyena yedwa umshwibi webhola eqenjini lakuleli futhi uyena yedwa umshwibi othole amawikhethi waphumae nasekugcineni ngo-2/23 kuma-overs akhe amane.

Ngesikhathi uSuryakumar Yadav noVirat Kohli sebehamba nokho umdlalo uqale kwaba ngathi awfinyeleleki ezivakashini.

UYadav uthole u-61 emabholeni angu-22 kwathi uKohli waqeda engahluliwe enamaphuzu angu-49 ukuze abe umdlali wase-India wokuqala ukufinyelela kuma-runs angu-11,000 e-T20.

UDinesh Karthik udlale umdlalo omuhle kakhulu wama-runs angu-17 emabholeni ayisikhombisa njengoba abasubathi bethole amaphuzu aphezulu kunawo wonke e-T20 amazwe ngamazwe angu-237/3 bedlala nama-Proteas.

Elakuleli liqale kabi kakhulu belahlekelwa bobabili uBavuma noRilee Rossouw kwi-over yesibili.

Ukubuya kusuka ku-1-2 kuya ku-221/3 bekuvelele nokho njengoba uDavid Miller entshontshe umbukiso ngendlela enhle.

UMiller ushaye u-226 ukuze athole u-106 engahluliwe emabholeni angu-47 kwathi uQuinton de Kock wameseka ngo-69 ngamaphuzu amahle angu-48.

Ukwenza kahle ngokushaya bekungenele ukuvala isiqalo esingesihle sokuzabalaza nebhola njengoba i-South Africa ihlulwe ochungechungeni lo mdlalo wamazwe amabili kwayisikhombisa.

Ku-India bekungokokuqala behlula ama-Proteas ochungechungeni lwemdlalo ekhaya njengoba imidlalo ezayo ye-T20 yangoLwesibili ingasenamsebenzi kule midlalo emithathu.

Umthombo wesithombe: @BCCI

Izihloko zakamuva