I-Independent Media Group isola udokotela wase-Nigeria ngokushushumbisa izingane mbumbulu eziyishumi zase-Tembisa

Everson Luhanga

Ngisho noDonald Trump angeke afike kuDkt Iqbal Surve, uSihlalo Omkhulu we-Independent Media Group (i-IMG), ngokungabi namahloni. Usethathe izindaba ezingamampunge wazisa kwelinye izinga.

I-IMG ayikhathazekile ngokuthi “udaba lwabo lwamanga” mayelana nezingane eziyishimi zase-Tembisa, sekuphendule iphephandaba laba inhlekisa emhlabeni wonke futhi iphoxe ubuntatheli baseNingizimu Afrika.

Akubakhathazi ukuthi odokotela abaxilonge uNksz Gosiame Sithole, okusolwa ukuthi ungumama wezingane eziyishumi, bathole ukuthi akazange abelethe futhi empeleni akakaze akhulelwe.

Akubalulekile nje kubo ukuthi intatheli uPiet Rampedi wahlanganisa indaba ewumbhedo, waxolisa kamuva.

Hhayi cha.

NgoLwesithathu, uSurve uthule “ imininingwane etholwe” i-IMG odabeni lwe-Tembisa 10 esithangamini sabezindaba ngokusola uMnyango wezeMpilo wesifundazwe sase-Gauteng ngokuba yisizinda sokushushumbiswa kwezingane.

USurve uthe uphenyo lwabo “luthole” ukuthi uGosiamo Sithole ubezithwele ngempela nokuthi uthwele izingane eziyisithupha esibhedlela iSteve Biko Academic, kodwa ngesikhathi eya esibhedlela esizimele sase-Sunninghill, odokotela babone izingane eziyisishiyagalombili.

Uthi izingane eziyisishiyagalombili zaphuthunyiswe esibhedlela iSteve Biko ngemuva kokubelethwa. USithole wabona  izingane zisanezinsuku ezimbili zizelwe.

Kodwa nakhu kufika ingwijikhwebu. Izingane zabe seziduka esandleni sikadokotela wase-Nigeria esibhedlela.

Uthi udokotela wase-Nigeria ubesebenzisa igama elehlukile okwenze kube nzima ukuthi noma ngubani amthole.

Lo dokotela uveze ukuthi uNgqongqoshe wezeMpilo e-Gauteng, uDkt Nomathemba Mokgethi nezinye izikhulu zoMnyango wezeMpilo kuzwelonke bayathinteka – kanti ube esecela ukuthi bamiswe emsebenzini.

“Singasho ngokungananazi ukuthi izibhedlela zethu zikahulumeni ziseqhulwini lokushushumbiswa kwabantu nokushushumbiswa kwezingane,” etshela isithangami sabezindaba.

Manje, uSurve uthi, uhulumeni kufanele aphendule ukuthi: ziphi izingane?

Ngempela uhulumeni unazo izimpendulo.

UHulumeni wesiFundazwe sase-Gauteng uyalele ummeli wombuso ukuthi abophe i-IMG.

“Uhulumeni wesifundazwe ngeke akwazi ukuthula kunezinsolo ezibucayi ezibhekiswe kubahlengikazi, odokotela, abaphathi besibhedlela nezikhulu zezempilo.

“Laba ngabesifazane nabesilisa abaqotho abasebenza ngokuzidela nangokuthembeka nsuku zonke ukuze basindise izimpilo futhi ngezinye izikhathi bafaka izimpilo zabo engozini”.

Okhulumela i-Netcare Sunninghill Hospital uthe asikho isiguli esikhulelwe izingane eziyisishiyagalombili nangaphezulu esake sangeniswa kunoma yisiphi isibhedlela sakwa-Netcare okubalwa ne-Netcare Sunninghill.

Izinkundla zokuxhumana sezingenelele kulolu daba futhi isishoshovu uNomboniso Gasa uphakamise ukuthi izinto ezishoda endabeni kaSurve uTokoloshe nesinkwa esinsundu.

Intatheli uPalesa Morudu Rosenberg uchaze lolu daba njengobugebengu obubhekene nobuntatheli. “Izintatheli zakhe kufanele ziphume, kodwa angeke. Esikhundleni salokho ziphakela ubuwula bakhe ngezindaba ezingamanga”.

Uchwepheshe wezokuxhumana uChris Vick wengeze wathi: “Asikho isidingo salolu phenyo oluzimele olwenziwa yi-Independent people. Qinisekisani ukuthi izingane eziyishumi zase-Tembisa zikhona esithangamini sabezindaba ukuze sonke sizoqhubekela phambili”.

Izihloko zakamuva