I-IFP nethemba lokuheha amaqembu ayishumi aphikisayo

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uma i-IFP iphinda ilawula uhulumeni waKwaZulu-Natal okhethweni lukazwelonke oluzayo kuzomele uNdunankulu wayo uMnuz Thami Ntuli athathe amanothi amaningi kwi-DA.

Kuzomele afunde lukhulu kumholi we-DA uHelen Zille, umuntu osanda kunika i-ANC inselelo okhethweni.

Ngo-2006, uZille wathola u-41.8% wamavoti e-Western Cape kanti wayedinga amaqembu amancane ayisithupha ukuze athole amaphuzu angaphezu kuka-50%.

Sekuqala ukubonakala sengathi uNtuli uzothola okufanayo futhi kuzomele aphathe iqeqebana labantu angabazi uma ezosungula uhulumeni ozinzile KwaZulu-Natal.

Isu le-IFP lokususa i-ANC emandleni esifundazweni liqale ngokubambisana ne-DA – iqembu labamhlophe elinomthwalo wokucwasa ngokwebala.

Umholi we-EFF uJulius Malema usebize i-IFP njengeqembu labahlanganyeli bobandlululo. Nyakenye leli qembu lalihlangene ne-EFF komasipala abangu-13 KwaZulu-Natal.

Ngokuhamba kwesikhathi la maqembu amabili anqamula ubudlelwano engxabanweni embi yokwabiwa kwamandla komasipala abamisiwe.

Kodwa ngesonto eledlule i-EFF, ekumfelandawonye ne-ANC eGoli ilaxaze i-ANC ukuze ihlangane ne-IFP ngesikhathi kubhuntsha ivoti lokungabethembi ubuholi beMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.

Isithandwa esikhulu se-IFP kulezi zindaba zokwabelana ngamandla i-DA ememezele i-EFF njengesitha sokuqala emphakathini.

Umholi we-DA, uJohn Steenhuisen uthi i-Multiparty Charter yakuleli enamalungu angu-11 ayiholayo yenzelwe ukuvimba i-ANC kanye ne-EFF ukuthi bangene kuhulumeni.

I-IFP idlelana namaqembu aphikisayo eyishumi, amanye ayisiza ukuthi ibambelele komasipala abambalwa ababalulekile enyakatho neKwaZulu-Natal.

Sengathi lokho akwenele, uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa usekuqinisekisile ukuthi iqembu lizokujabulela ukuhlangana neqembu loMkhonto Wesizwe elesekwa ngowayenguMengameliwezwe uJacob Zuma.

Lokhu kuhlukana kwe-ANC kudliwa izisekelo zeqembu KwaZulu-Natal futhi sekuguqule amandla esifundazweni.

I-IFP idinga ozakwabo abayishumi ngoba yize yaphatha uhulumeni waKwaZulu-Natal amahlandla amabili (1994-2004), ayikaze iwine isifundazwe ngamavoti amaningi acacile.

Angazi ukuthi lowo owayenguNdunankulu we-IFP uThami Ntuli unamakhono yini kwezokusebenza kodwa ubonakala emiselwe ukuphatha umfelandawonye onzima uma i-ANC ilahlekelwa amandla embusweni wamaZulu.

Esithombeni esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa kanye noThami Ntuli oqokwe njengoNdunankulu waKwaZulu-Natal.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva