Lubhalwe nguZukile Majova
Iqhinga le-DA ne-IFP lokukhipha i-ANC emandleni KwaZulu-Natal liya ngokuvuthwa.
La maqembu amabili avumelene ngokwenza umfelandawonye kuwo wonke amawadi, komasipala kanye nakuzo zonke izifunda esifundazweni.
Lapho i-IFP enamandla khona kakhulu i-DA ngeke ifake umuntu kulelo wadi kodwa izogqugquzela abavoti bayo ukuthi bavotele i-IFP.
Itulo lokuketula i-ANC KwaZulu-Natal liqale ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021 lapho i-IFP ne-DA abathola khona cishe u-38% wamavoti esifundazwe.
Manje kulindeleke ukuthi umfelandawonye wesikhathi esizayo wamaqembu aphikisayo uhlanganise i-ActionSA, i-ACDP kanye ne-FF-plus – wonke amaqembu akhuphukayo esifundazweni.
Khonamanjalo, i-ANC ibilokhu yehla isuka ku-64.5% okhethweni lwango-2014 yafinyelela ku-54% ngo-2019.
Okhethweni lohulumeni basekhaya i-ANC (41.44%) kanye ne-EFF (8.64%) ngokuhlanganyela bathola u-50.08% wamavoti.
Womabili la maqembu alahlekelwe izingxenye zawo ezinkulu njengoba umfelandawonye we-IFP ne-DA udle umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela.
Ngesikhathi i-EFF ilahla i-IFP iya ku-ANC KwaZulu-Natal, iqembu elibusayo lathi lingawina omasipala abangu-15 kwabangu-17 abalengisiwe esifundazweni.
Lokhu akuzange kwenzeke. Esikhundleni salokho i-IFP yadla umhlanganiso esifundazweni futhi manje isiphethe omasipala abangu-29.
NgoLwesibili amaqembu asayine isivumelwano esibizwa nge-Service Delivery Pact osekuphele izinyanga eziyisithupha senziwa.
Amaqembu athe lesi sivumelwano sisukela “ekubambisaneni kwawo ngempumelelo okhethweni lokuchibiyela ukuhlwitha amawadi ku-ANC,” kusho isitatimende samaqembu.
“Akungatshazwa ukuthi i-ANC yake yabhidliza ohulumeni basekhaya KwaZulu-Natal yonkana futhi kusemahlombe e-IFP ne-DA ukuthi babuyise ukholo nokwethenjwa kwezepolitiki. Yingakho sikholwa ukuthi singahlangana ndawonye sibeke izimfuno zezakhamizi eqhulwini.”
I-IFP ne-DA baphinde bahole isivumelwano esibizwa nge-Moonshot Pact esihlongoza ukuhlanganisa amaqembu aphikisayo ngaphansi kwesambulela esisodwa ukuze kuvinjwe umfelandawonye we-ANC ne-EFF ngemuva kokhetho lwango-2024.
Ucwaningo luveza ukuthi umfelandawonye wamaqembu aphikisayo unamandla okuketula i-ANC KwaZulu-Natal naseGoli.
Esithombeni esingenhla: USihlalo we-IFP esifundazweni uThami Ntuli kanye noSihlalo we-DA KwaZulu-Natal uDean Macpherson besayina isivumelwano sokusebenzisana
Umthombo wesithombe: IFP