Celani Sikhakhane
Ngenkathi izisulu zezikhukhula e-KZN zihlupheka i-ANC ne-IFP badlala umacashelana kwezepolitiki.
I-IFP ifuna izisulu zezikhukhula zilaliswe ezindaweni zikamasipala ezingasasetshenziswa kodwa i-ANC isichithile lesi siphakamiso.
I-IFP ithi i-ANC ngokusho kukaSomlomo woMkhandlu uMnu Thabani Nyawose ikhombise ukungaziphathi kahle ngokuchitha isiphakamiso sayo.
Ilungu lesigungu esiphezulu se-IFP eMkhandlwini kaMasipala weTheku uMnu Mdu Nkosi lithi i-ANC isikhombise ukubumbana kwezepolitiki ngokuchitha uhlelo olusheshayo lokubhekelela izisulu zezikhukhula ezihlala emahholo omphakathi nasemasontweni.
“Ngomhlaka-26 kuMbasa ngethula isiphakamiso esiphuthumayo esasinxusa uMkhandlu ukuba ucabangele ukuguqula izakhiwo zikaMasipala nezindawo esezigugile nezingasasebenzi zibe izindlu zomphakathi ukuze kuhlaliswe abantu abalahlekelwe izindlu zabo. Kwathi ngomhlaka-28 kuMbasa isiphakamiso sami esiphuthumayo sachithwa ezinhlelweni zomkhandlu,” kusho uNkosi.
Uthe uma ebuza uSomlomo wathi lesi siphakamiso sesichithiwe.
UNyawose usole i-IFP ngokusebenzisa ipolitiki ekulweni izimpi waveza ukuthi isicelo esafakwa njengesiphakamiso sachithwa ngoba asihambisani nemithetho yeziphakamiso zomkhandlu.
“Akusilona iqiniso ukuthi sisichithile lesi sicelo kodwa ukuhanjiswa kwesiphakamiso asihanjiswanga ngendlela ngoba i-IFP ihlulekile ukulandela imithetho ehambisana nokwethulwa kweziphakamiso eziphuthumayo. Uma sekwethulwa iziphakamiso kunemithetho okumele ilandelwe salandela okusikhombayo sonke njengamalungu omkhandlu,” kusho uNyawose.
I-IFP ithi isiphakamiso esifanayo senziwe muva nje ngumholi we-Abantu Batho Congress uPhilani Mavundla futhi samukelwa ngezandla ezimhlophe ngabaholi be-ANC okuhlanganisa noNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi uJomo Sibiya.
UNkosi uthi basamukele isiphakamiso sikaMavundla ngoba usebudlelwaneni nabo njengoba asiza i-ANC ukuthi igcine uMasipala weTheku ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya.
Impi yezombangazwe ngenxa yezisulu zezikhukhula iyona ehamba phambili. I-DA ike yaba nempi yamagama neMeya yeTheku uMnu Mxolisi Kaunda imsola ngokungabi khona ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.