I-IFP ne-ANC embangweni ngomfuziselo weSilo uZwelithini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-IFP ne-ANC babhekene ngeziqu zamehlo mayelana nokuthi umfuziselo wokuhlonipha iSilo samaBandla esakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu kufanele ubekuphi.

I-ANC ihlongoza uMgungundlovu lapho isiShayamthetho esihlangana khona njengamanje kanti i-IFP ikhetha oLundi okuyisizinda sesakhiwo esidala sesiShayamthetho.

Isiphakamiso se-ANC ngesokwakha umfuziselo omude kunoweNdlovukazi uVictoria esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Iqembu lithi kubalulekile ukuhlonipha iSilo uZwelithini futhi liphakamisa ukuthi kubekwe umduziselo wakhe eduze koweNdlovukazi uVictoria.

Amanye amalungu e-ANC aze aphakamisa ukuthi kususwe umfuziselo weNdlovukazi uVictoria ngenxa yokuthi simataniswa nenkathi ebuhlungu yobukoloni.

Kodwa-ke uSotswebhu we-IFP uBlessed Gwala ukugcizelele ukuthi i-IFP iyazeseka izinhlelo zokuhlonipha amagugu ombuso kaZulu kodwa iyakungabaza ukuthi kungani lo mfanekiso kumele wakhiwe ezindaweni eziqashiwe.

Uveze ukuthi isiShayamthetho sihlangana endaweni yaseMgungundlovu eqashiwe ekhokhelwa u-R188 000 njalo ngenyanga.

UGwala uthe ibhilidi elidala lesiShayamthetho esisoLundi elingaphansi kwenhlangano kahulumeni i-Amafa lizoba indawo ekahle yokugcina umfuziselo weSilo uZwelithini.

ISilo uZwelithini sabusa isizwe samaZulu iminyaka engaphezu kuka-40 sakhothama ngo-2021 ngemuva kokungeniswa esibhedlela iNkosi Albert Luthuli eThekwini.

Ukukhothama kwadalwa izinkinga ezihlobene ne-Covid-19. NjengeSilo esabusa isikhathi eside esihlalweni sobukhosi bakaZulu umlando wakhe ubaluleke kakhulu.

Yize i-ANC ne-IFP bevumelana ngesidingo sokuthi kube nomfuziselo

ohlonipha iSilo uZwelithini kukhona nodaba olungakaxazululwa mayelana nomfuziselo weLembe uShaka osesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International eThekwini.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu owakhothama ngo-2021

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva