I-IFP iyaziqhelelanisa nenkulumo yeMeya yaseJozini 

Lubhalwe nguLungi Langa

IMeya ye-IFP eJozini uMfananaye Mathe ikhwele yadilika ngokuhushulwa kwezisu kanye nokuthandana kwabantu bobulili obufanayo yathi “kuphambene nentando kaNkulunkulu”.

Nokho, isikhulu esiphezulu seqembu sithe leyo akuyona imibono noma imigomo ye-IFP.

Ethula inkulumo yakhe emhlanganweni wamalungu ebandla obuqale ekuqaleni kwaleli sonto kuthandazelwa ukuphepha ngesikhathi samaholidi ePhasika, uMathe unxuse abavoti ukuthi bafunde ngemithetho-sisekelo yamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokuwavotela ukuze babone ukuthi “iyahambisana yini nezimfundiso zikaNkulunkulu.”

Eminyakeni emithathu edlule, uMathe eseyikhansela wasusa umsindo ngesikhathi ekhuluma ngodlame olubhekiswe kubantu besifazane wathi, “abesifazane kumele bahlale bengaphuzile ukuze bengabulawa.”

UMathe utshele izethameli kuleli sonto ukuthi akusiyo indima yenkokheli yezombusazwe ukunika owesifazane ilungelo lokwenza noma yini ayifunayo ngomzimba wakhe.

Uveze le mibono nakuba umthethosisekelo wakuleli uvikela ilungelo labantu lokuzithathela izinqumo ngemizimba yabo nokuthi ukhuthaza amalungelo okuba nezingane noma ezingaki.

UMathe uqhubekile nenkulumo yakhe waphinde wagxeka ubudlelwano bobulili obufanayo. Uthe abavoti abeseka amaqembu ezepolitiki abavumela lobu budlelwano bazobe belahla ivoti labo.

“Kuyisifiso sami ukuthi ngaphambi kokuthi uvotele iqembu lezepolitiki  ufunde umthethosisekelo walo ubone ukuthi uthini ngoNkulunkulu ngoba sizokubheka sithole ukuthi uma ungaphandle kwebandla wenza okuphambene nezwi likaNkulunkulu,” kusho uMathe.

Umthethosisekelo wakuleli uyakwenqabela ukucwasa ngokobulili.

UMathe ukhiphe imifaniswano yebandla ekhokhelwe uMasipala kulabo abakade bekhona.

Ephendula imibuzo mayelana nenkulumo kaMathe, umqondisi wezokuxhumana ku-IFP uLiezl van der Merwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi leli qembu ligxile kakhulu ezimisweni zobuntu. Futhi ikhuthaza ukuhlangana nobungcwele bokuphila.

Kodwa-ke, wengeze ngokuthi iqembu likholelwa kakhulu kumalungelo aqukethwe kumthethosisekelo wezwe.

“Ngaphezu kwalokho, imishado yabantu bobulili obubodwa kanye nokuhushula izisu kusemthethweni kuleli futhi siyayihlonipha imithetho yezwe lethu. Ngesikhathi lezi zinqumo zifakwa ePhalamende ukuze zivotelwe, sinike amalungu ethu ePhalamende inkululeko yokuvota ngendlela azizwa ekhululekile ngayo. Ekugcineni kuyilungelo lomuntu ukuzinqumela ukuthi ufisa ukwenzani ngomzimba wakhe, nokuthi ufisa ukushada nobani.

UVan der Merwe wengeze ngokuthi noma ngubani ozwakalisa imibono ephikisana nalokhu, akavezi imibono noma imigomo ye-IFP.

Isithombe esingenhla: IMeya kaMasipala  waseJozini inikezela ngomfaniswano webandla kubazalwane bebandla lamaZayoni ngaphambi kwempelasonto yePhasika. Abakade bekhona kubalwa uThulani Manana womculi we-Gospel

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva