Celani Sikhakhane
Umholi ophezulu we-IFP osole iMeya yaseNquthu eKZN esanda kukhethwa ngokuyeka isikole kwibanga lesihlanu ukhishwe ngomzuzu wokugcina esikhundleni sokuba yiphini leMeya kanti ubhekene nokuxoshwa eqenjini.
UNothile Zungu ubhekane nelikhulu ihlazo ngemuva kokuputshuka kocingo lwakhe oluqoshiwe, lapho abehleba khona ngeMeya uZamo Shabalala, ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili.
NgoLwesine bekulindeleke ukuthi afungiswe njengePhini leMeya yaseNquthu, kodwa ngemuva kokuputshuka kwerekhodi yocingo wahoxiswa.
Ufungiswe njengekhansela elijwayelekile le-IFP emhlanganweni womkhandlu obusehholo i-VA Makhoba eNquthu.
“Uzimbele ithuna ngenxa yalokhu futhi akekho ofuna ukuzihlanganisa naye. Isikhundla sakhe sokuba iPhini osekuphele iminyaka eyi-16 esiphethe sithathwe nguWelile Ngobese,” kuqinisekisa elinye ikhansela elingathandanga ukudalulwa igama. Kuthiwa uZungu ube nengxoxo nobeyiMeya ye-IFP eNquthu, uMnu uMabilabila Kunene owaxoshwa eqenjini ngowezi-2019.
I-Scrolla.Africa siyakuqonda ukuthi uKunene uqophe yonke inkulumo ngenkathi uZungu ehleba khona ngobuholi beqembu ayebusola ngokuthatha amantshontsho kulabo abafuna isikhundla sobumeya.
Uqhube wathi usola uShabalala oyiMeya entsha ngokuqamba amanga eqenjini ngokubatshela ukuthi unguthisha oqeqeshiwe wathi uShabalala wayeka isikole kwibanga lesihlanu.
UZungu akatholakalanga ukuba aphawule njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
UShabalala utshele i-Scrollla.Africa ukuthi akakalitholi ithuba lokulalela lesi siqeshana.
“Ngizokwazi ukuphendula uma sengikwazile ukulalela isiqeshana. Kodwa okhulumela iqembu uMkhuleko Hlengwa ungitshelile ngakho,” kusho uShabalala.