
Celani Sikhakhane
Umphakathi waseZululand umashele emahhovisi oMkhandlu kaMasipala wakulendawo uzophoqa ukuba iMeya umfundisi Thulasizwe Buthelezi ehle esihlalweni.
Umphakathi usola uButhelezi ngokusebenzisa izigidi zemali okumele ngabe zihambisa izidingo kubantu kodwa ezisetshenziselwa ukugada yena nomkakhe.
UButhelezi usizwe abalandeli be-IFP abaphume ngobuningi babo bezovimba ababhikishi.
Amaphoyisa athwale kanzima ezama ukuhlakaza lezi zinsuku ebese zifuna ukuzwana amandla.
UButhelezi ujabulise okwengane encane ngesikhathi abalandeli be-IFP bevimba amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu abezama ukungena emahhovisini befuna ehle esikhundleni ngoMsombuluko
NgoMsombuluko amaphoyisa kuphoqe ukuthi asebenze kanzima elangeni elishisayo ukuze agweme ukungqubuzana phakathi kwabalandeli be-IFP abakade bebhekene ngqo namalungu omphakathi abediniwe.
Amalungu omphakathi afuna ukuphoqa umhlangano womkhandlu wase-Zululand obuhlelwe ngoLwesibili ukuba ukhiphe uButhelezi ngevoti lokungamthembi.
UButhelezi usolwa ngokusebenzisa imali engu-R240-million ekuqasheni abantu abazobavikela yena nomkakhe uMaMzila Buthelezi.
UMnu uLindokuhle Xulu obehola umbhikisho womphakathi uthe abakufunayo ukuthi uButhelezi ehle esikhundleni.
“Sikhathele uMfundisi uButhelezi osephendule isifunda sethu inhlekisa ngenxa yenkohlakalo yakhe,” kusho uXulu.
“NgoLwesibili sifuna umkhandlu umkhiphe ngevoti lokungamethembi. Kufanele abe namahloni ngokudukisa abalandeli beqembu lakhe ukuba bamvikele namuhla. Kufanele abe namahloni okusebenzisa izigidi zamarandi ezazisetshenziselwa ukuvikela yena nomkakhe, ongeyona ngisho ingxenye kaMasipala, ” kuchaza uXulu.
UXulu nabanye abebemasha abakwazanga ukufika kuMasipala wesifunda. Kudingeke ukuthi balethe imemorandamu yabo emgwaqeni eduzane nezakhiwo zikaMasipala ukuze bagweme izingxabano ezinodlame nabalandeli be-IFP.
Kulesi siphithiphithi uButhelezi ubonakale ecula edansa emagcekeni kaMasipala nabalandeli be-IFP abeze ngobuningi babo bezomvikela.
Kukholakala ukuthi uMasipala wesifunda ungase ungakwazi ukukhokhela abasebenzi bawo ngenxa yokungaphathwa kahle kwezimali, kanti noMnyango wezezimali unqabile ukubakhulula.
Umphathi kaMasipala uMpume Manqele wamukele uhlu lwezikhalo zomphakathi wathembisa ababhikishi ukuthi bazoludingida lolu daba.