I-IFP ithi alikho ikhansela elizoxoshelwa amabhasi okuya eMabhida

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-IFP ithi alikho ikhansela elizoxoshelwa ukuthi lihlulwe ukukhokhela ibhasi elizothwala abantu abazoyogcwalisa iMoses Mabhida ngenyanga ezayo emcimbini wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho.

Lokhu kuvezwe uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli njengoba esemkhankasweni nobuholi beqembu wokunxenxa abantu ezingxenyeni zesifundazwe ukuba bagcwalise iMoses Mabhida mhla ziyishumi kuMbasa.

“Akekho umuntu ozojeziswa ngokuthi akabathuthanga abantu ukuya eMabhida,” kusho uNtuli.

Leli qembu likusho lokhu nje, i-EFF ngonyaka owedlule yaba ngundabamlonyeni ngesikhathi ixosha inqwaba yamakhansela namalungu ePhalamende ngoba ehlulwe ukukhokhela amabhasi okuthutha abantu ababezoyogcwalisa inkundla yase-Soweto i-FNB.

Kuyimanje i-IFP iqoqe imali ebalelwa ku-R1 million yokukhokhela amabhasi azothutha abantu abasuka eMkhanyakude ukuya eMoses Mabhida.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunomcimbi wesidlo sakusihlwa obuseJozini ngempelasonto.

UNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa owayengumholi wabesifazane be-IFP uthe kulesi sidlo sakusihlwa abebenaso osomabhizinisi banikele ngemali abanye banikela ngamabhasi namatekisi ayothatha abantu ngenyanga ezayo.

“Sithobekile ngabasenzele khona ngoba abanye bazibophezele nasekutheni bazothenga ukudla kokuthi abantu bangabulawa indlala endleleni ngalolo suku. Abanye bebefaka izimali ezisuka ko-R500 000 kanti abanye ebefaka imali esuka ku-R200 000,” kuchaza okaMadlopha Mthethwa. 

I-IFP inethemba lokugcwalisa iMabhida njengoba ithi ukunqoba kwayo izinketho kusukela ngo -2021 kukhombisile ukuthi iMabhida izogcwala ichichime kuze kuyoshaya phansi lapho okudlalelwa khona.

UNtuli ngakolunye uhlangothi uke watshela abaholi ukuthi ingilosi kaMntwana wakwaPhindangene ibenzela izimanga ngoba yenza noKhongolose uxabane wodwa uxoshe nabaholi bawo abaqavile.

Izihloko zakamuva