Lubhalwe nguLungani Zungu
I-IFP isithathe izinyathelo ezisheshayo zokuqondisa izigwegwe enye yezimeya zayo kanye nekhansela abaphoxe iqembu esidlangalaleni.
Iqembu limise iMeya yase-Baqulusi, uMncedisi Maphisa ngemuva kokuthi ezwakale ememeza, esabisa futhi ezishaya isifuba ezikhulwini eziphezulu zikamasipala ngokuthi nguyena ophethe hhayi bona ezwini eliqoshiwe.
Omunye omisiwe ikhansela le-IFP u-Abbas Warasally ngemuva kokuthinteka ecaleni lokuthembisa abantu umsebenzi ngemuva kokwenza ucansi nabo.
UWarasally umiswe emsebenzini ngemuva kokuthi abesifazane ababili bethi ulale nabo wabathembisa imisebenzi. I-Scrolla.Africa sithole ukuthi i-IFP isebenzise izwi lakhe eliqoshiwe eliphutshuziwe.
Laba bobabili bazovunyelwa ukuzivikela phambi kwe-National Executive Committee (NEC) yeqembu lingakashayi iSonto.
Kuyimanje leli qembu libhekene nengcindezi ekhulayo yokuthi laba bobabili baxoshwe ngalokho iqembu elikuthatha “njengezitatimende ezingabazekayo.”
“Esontweni eledlule kuzwakale iziqeshana zezigameko ezimbili ezingahlobene lapho iMeya yaseBaqulusi kanye nekhansela lakuMasipala wase-Alfred Duma besolwa ukuthi bayathinteka ezigamekweni ezithile,” kusho iqembu esitatimendeni.
I-NEC ivumile ukuthi “iMeya yaseBaqulusi imiswe ngokushesha eqenjini futhi iyalelwe ukuthi ithathe ikhefu emsebenzini kamasipala ngokushesha.”
Iphini lemeya lizosebenza njengemeya okwamanje.
Ikhansela le-IFP nalo limiswe emsebenzini ngokushesha kwathiwa alithathe ikhefu.
“I-IFP iyawaqinisekisa amalungelo abesifazane emsebenzini ukuthi benze imisebenzi yabo ngaphandle kokuhlukunyezwa nokusatshiswa,” kusho ilungu le-NEC ye-IFP elingathandanga kudalulwe igama lalo.
“Iqembu liqinisa umthetho kubantu abalifaka ehlazweni ikakhulukazi njengoba kuza ukhetho ngonyaka ozayo. Ngeshwa izinto azibahambeli kahle. Ngicabanga ukuthi bazoxoshwa noma bakhishwe ezikhundleni zabo.”
Imeya emisiwe uMaphisa wenqabile ukuphawula.
Esithombeni esingenhla: Imeya yaseBaqulusi emisiwe uMncedisi Maphisa
Isithombe: Facebook