I-IFP ithathe ubuholi kumasipala waseKZN

Celani Sikhakhane

Amavukelambuso e-ANC aphumelele ukukhipha iqembu emandleni esifundeni uMkhanyakude KwaZulu-Natal.

NgoLwesibili, leli qembu lilahlekelwe wumasipala onesiphithiphithi esifundazweni, iSifunda saseMkhanyakude sithathwe i-IFP ngemuva kokuthi umkhandlu uvotele imeya entsha uTim Moodley.

Eceleni kukaMoodley, umkhandlu uqoke uSomlomo uPat Madlopha kanye nePhini leMeya uKiller Mkhwanazi ngaphandle kokuphikiswa ngemuva kokuthi amalungu e-ANC engafiki ukuzovota.

Umphathi kamasipala owamiswa ngaphansi kobuholi be-ANC ngonyaka odlule, uMnu Mxolisi Nkosi, ukwazile ukuqhubeka nesikhundla sakhe.

Umholi we-ANC ongathandanga kudalulwe igama lakhe, wazise i-Scrolla.Africa ukuthi i-IFP ivotelwe njengengxenye yohlelo oluphekwe ngamalungu e-ANC ahlubuke eqenjini ukuze kukhishwe iqembu eMkhanyakude.

“Izinhlaka ze-ANC beziphendula umasipala inkomo esengwayo. Abaholi abaningi beqembu bayathinteka ekukhishweni kwamathenda okungahambisani nemithetho yokulwa namanye amaqembu ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi besifunda beqembu lamavukelambuso e-ANC,” kusho umthombo.

Imeya entsha uTim Moodley utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-ANC inqume ukuhoxisa umhlangano kodwa ikhoramu ivumele umkhandlu ukuthi ukhethe abaholi abasha.

“Njengoba besinamalungu amaningi e-IFP, sikwazile ukubiza umkhandlu ukuze sikhethe ubuholi obusha,” kusho uMoodley.

UMkhanyakude ubalwa phakathi kwezifunda ezinezinkinga eKZN, njengoba eminyakeni edlule wehluleka ukuholela abasebenzi, wehluleka ukuholela abahlinzeka ngezidingo kanye nokuphakela imiphakathi yawo amanzi.

Lokhu kuholele ekutheni kungenelele uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uSenzo Mchunu ngonyaka odlule.

Njengoba isilahlekelwe ngomunye umasipala esifundazweni, i-ANC isibambe izintambo ezifundeni ezimbalwa ezingasogwini oluseningizimu yesifundazwe. Umasipala owodwa osele weqembu enyakatho yesifundazwe uMkhanyakude.

Imizamo yokuthola iqembu lamavukelambuso e-ANC ayiphumelelanga.

Scrolla World Cup Quiz