Celani Sikhakhane
I-IFP ithole ukugxekwa okukhulu ngokusebenzisa izithombe zeSilo uMisuzulu kaZwelithini emkhankasweni wokhetho lohulumeni basekhaya.
Lezi zithombe, ezabiwe yithimba lezokuxhumana leqembu ezinkundleni zokuxhumana eziningana, zidale umsindo kangangokuthi i-IFP iphoqelelwe ukuthi ixolise.
INkosi uMangosuthu Buthelezi usolwe ngokuningi kubalwa, ngokusebenzisa iNkosi uMisuzulu “njengopopayi” wakhe ukuqhubekisela phambili uhlelo lwakhe lwezepolitiki.
Okhulumela i-IFP uMkhuleko Hlengwa uxolisile esitatimendeni wathi inhloso ukuxhasa ubuholi bomdabu.
“Phambilini namuhla, njengengxenye yomkhankaso we-IFP ezinkundleni zokuxhumana, kukhishwe i-infographic yokuseka ubuholi bendabuko ngesithombe seNkosi Yesizwe SamaZulu,” ukuxolisa kukaHlengwa kuqale ngale ndlela.
“Lesi sithombe sisetshenziswe ngephutha. Siyaxolisa nganoma yikuphi ukuphazamiseka okubangelwe Ongangezwe lakhe, iNdlunkulu, nakuNdunankulu woMdabu weSizwe samaZulu,” kusho uHlengwa, enezela ngokuthi abasebenzi abathintekayo bazothathelwa izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.
INkosi uMisuzulu kaZwelithini uthole ukusekwa kukaButhelezi kusukela ngosuku amenyezelwa ngalo ukuthi uzolandela esihlalweni sobukhosi.
Kodwa abagxeki bakaButhelezi basole lo sopolitiki ezikhathini eziningi ngokusebenzisa isizwe samaZulu kanye neNkosi ekhotheme uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukuthola ukusekwa kwe-IFP.
Okhulumela umndeni wasebukhosini uMntwana uThulani Zulu uthi iSilo samaZulu kanye nomndeni wasebukhosini abakaze basetshenziselwe noma yiluphi uhlelo lwezepolitiki futhi ucele wonke amaqembu ezombusazwe ukuthi ayeke ukusebenzisa isithombe seSilo emikhankasweni yawo yokhetho lwezepolitiki.