I-IFP isimise ikhansela layo emsebenzini elisolwa ngokudlwengula intombazanyana eneminyaka engu-14 ubudala

Celani Sikhakhane

Limisiwe emsebenzini ikhansela leNkatha Freedom Party (i-IFP) elisolwa ngokudlwengula nokukhulelisa intombazanyana eneminyaka engu-14 ubudala ukuze ayitholele indlu yomxhaso.

Okhulumela i-IFP, uMkhuleko Hlengwa, udalule esitatimendeni ngoLwesibili ukuthi iqembu selinqume ukumisa uMusa Sibisi womkhandlu wakwaDukuza kuzo zonke izinto ezenziwa iqembu.

“Iqembu leNkatha Freedom Party namuhla selimise ikhansela uMusa Sibisi eqenjini, ngokukhulu ukushesha,” usho kanje.

NgoMsombuluko, i-National Executive Committee (i-NEC) ye-IFP yelulekwe ngezinsolo ezibucayi abhekene nazo nokuboshwa kwekhansela futhi yanquma ukuthi limiswe ngokushesha kuyo yonke imisebenzi yeqembu,” kusho uHlengwa.

Uthe ikomidi le-KwaZulu-Natali Provincial Executive (i-PEC) kanye nekomidi le-Political Oversight (i-POC) manje sebejutshwe ukuthi baphenye lezi zinsolo futhi bathole wonke amaqiniso baphinde bazobikela i-NEC ngoMsombuluko, mhlaka-20 kuZibandlela.

Ikhansela ebelingakalivumi icala liboshwe ngoMgqibelo ngemuva kokuthi osonhlalakahle belivulele icala lokudlwengula.

UHlengwa uthe i-IFP izithathela phezulu lezi zinsolo futhi izibophezele ekutheni lolu daba lunakeke ngokushesha nangendlela efanele.

“Okunye silindele ukuthi inkantolo isheshise ngalolu daba ukuze ubulungiswa benziwe ngokushesha. Uma lezi zinsolo ziyiqiniso, ikhansela lizobhekana nabaphathi abaphezulu beqembu futhi livinjwe ukuthi libe sesikhundleni kunoma yiziphi izinto zeqembu, impilo yakhe yonke,” kuphetha uHlengwa.

Izihloko zakamuva