I-IFP isabisa ngokuthathela uMntwana u-Afrika izinyathelo zomthetho

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-IFP isola okhulumela iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana u-Afrika Zulu ngokuxova nokudala ukuthi lungabikhona uzinzo ebukhosini bukaZulu.

Esitatimendeni eside leli qembu seliphonsele uMtwana u-Afrika inselelo yokuthi akhiphe ubufakazi obuhambisana nezinsolo zakhe zokuthi i-IFP noMntwana uMangosuthu Buthelezi bahlela ukuketula iSilo samaBandla noma abhekane nengalo yomthetho.

“Njengoba uMntwana u-Afrika ephinde wabuyela eHhovisi leSilo samaBandla ngemuva kokuxoshwa phambilini ngenxa yokuziphatha okubgekuhle manje usebeka engcupheni ubumbano nozinzo esizweni samaZulu,” kufundeka isitatimende.

Isitatimende siqhube sathi uMntwana u-Afrika unenhloso eyodwa kuphela: ukucekela phansi isithunzi seHhovisi leSilo samaBandla nokufaka ipolitiki kulona.

Okhulumela i-IFP uMkhuleko Hlengwa uthe ukuziphatha kukaMntwana u-Afrika kuyichilo.

Ngesonto eledlule uMntwana u-Afrika uveze ukuthi i-IFP noButhelezi yibona ababhedla udungunyane okugubuzele ubukhosi bukaZulu.

Uphinde waveza ukuthi uButhelezi ufuna ukuketula uMisuzulu bese esungula ikomiti elizimele ebukhosini bakaZulu.

UHlengwa uthe nokho ukuziphatha kukaMntwana uZulu akumangazi neze.

Uthe uMntwana u-Afrika Afrika waziwa ngokuzabalaza kwakhe kanye nokuziphatha okungafanele futhi usebenzisa indima yakhe njengomsizi weSilo samaBandla ukwenza umsebenzi walabo abamkhokhelayo.

UHlengwa ugqamise indima yelungu le-IFP ephalamende uLiezel van der Merwe ekusizeni uButhelezi ngezitatimende zabezindaba esikhundleni sakhe njengondunankulu kaZulu.

Uthe uVan der Merwe usebenza ngokuzithandela njengo msizi kaButhelezi kwazise alikho iholo elinikezwa undunankulu noma abasebenzi bakhe.

Uhlangothi lomndeni wakomkhulu  olweseka uMntwana uSimakade njengeSilo libukeka liwuthakasela lo mbango.

Esithombeni esingenhla: UMntwana u-Afrika Zulu kanye neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini eceleni kukaNdunankulu uNomsa MaDube Ncube

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva