Lubhalwe nguLungani Zungu
I-IFP izithola isenkingeni ngaphambi kokhetho lokuchibiyela olubaluleke kakhulu esigcemeni uward-31 e-Newcastle kusasa.
Leli qembu liphoqeleke ukuthi lisebenzise izinsiza zalo ukukhankasela ukuthi izakhamizi zingalivoteli kodwa zivotele i-Team Sugar South Africa (TSSA).
Lokhu kungemuva kokuthi la maqembu enze isivumelwano sokusebenzisana kulesi sigceme – esingenamuntu ngemuva kokuthi kushone ikhansela le-TSSA uNokusa “Mzora” Khumalo ngoLwezi.
Kodwa isivumelwano sifike sekwephuzile njengoba i-IFP yayivele isohlwini lokuvotelwa ngaphambi kokhetho lokuchibiyela olwaluzonquma ukuthi yiliphi iqembu elizophatha uMasipala wase-Newcastle.
Njengamanje lo masipala uphethwe ngokubambisana i-IFP ne-TSSA kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021. Phambilini lo mkhandlu ubuphethwe i-ANC.
I-TSSA isabise ngokuthi izohoxa kumfelandawonye ne-IFP uma leli qembu liqoka owalo ozongenela ukhetho.
Inkulumo yomholi we-TSSA uMusa “Shukela” Thwala obuye abe yiPhini leMeya yase-Newcastle ilula; bafuna ukugcina isigceme ukuze bakwazi ukujabulela isikhundla sokuba abaholi kulo masipala.
I-IFP iqale yawenqaba lo myalelo kodwa yabuye yavuma ukweseka i-TSSA esikhundleni sokweseka ikhansela layo uMxolisi Mkhwanazi.
Phezu kwalesi sivumelwano uThwala unovalo lokuthi abalandeli bokuqina be-IFP basazovotela uMkhwanazi esikhundleni sokweseka uSindisiwe Mashazi we-TSSA.
Uma lokhu kwenzeka izohlukanisa ivoti
mhlawumbe ivune uNkosinathi Vilane we-ANC noma uLinda Mnguni we-EFF.
Amanye amalungu e-IFP angene ezinkundleni zokuxhumana atshela uThwala ukuthi ahoxe kumfelandawonye we-IFP kunokuthi enze “izimfuno ezingenangqondo.”
Izibalo phakathi kwe-ANC nomfelandawonye oholwa i-IFP zicishe zilingane.
I-ANC inezihlalo ezingu-22, i-EFF eziyisishiyagalombili, kanti i-NFP, i-PA ne-ATM zinesihlalo esisodwa iqembu ngalinye.
Imizamo ye-ANC yokubuyisa umasipala ithole ukuthuthuka obekudingeka kakhulu ngemuva kokuthi i-EFF ilahle i-IFP yakha umfelandawonye nayo.
Ngakolunye uhlangothi i-IFP inezihlalo ezingu-18, i-TSSA eziyisithupha, i-DA ezinhlanu kanye ne-ActionSA ngezintathu.
I-ANC ithumele owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ongundabamlonyeni kulendawo ukuthi ayonxenxa abavoti ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.
UThwala we-TSSA unikeze izakhamizi izipho okubalwa kuzo imibhede, ama-microwave kanye nezitofu emzamweni wakhe wokugcina lesi sigceme.
Olunye ukhetho lokuchibiyela luzoba esigcemeni sesine eMtubatuba KwaZulu-Natal kanye nasesigcemeni sesithupha nesesihlanu e-Western Cape.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-TSSA uMusa “Shukela” Thwala
Umthombo wesithombe: Facebook