Lungani Zungu noCelani Sikhakhane
I-IFP iphume phambili okhethweni lokuchibiyela esigcemeni se-12 eMadlankala kumasipala waseMhlathuze kanti lokho kwenze ukuthi leli qembu lilawule lo masipala osenyakatho yeKwaZulu-Natal ngokugcwele.
I-IFP ithole u-54% nokuyiphesenti elikhulu kakhulu uma kuqhathaniswa no-26% wanyakenye.
I-IFP ibuse ngokubambisana ne-EFF ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwanyakenye ngemuva kokuthi yehlulwe okhethweni. Lesi sigceme sisale singenamholi ngemuva kokuthi ikhansela le-ANC lesule bese lijoyina i-IFP.
NgoLwesithathu ebusuku i-IFP iqale ukubungaza ngesikhathi imiphumela iqala ukuphuma.
Ukhetho lokuchibiyela belubaluleke kakhulu kangangokuthi i-IFP iye yanikeza umndeni wakwaMathonsi obuhlala endlini yodaka edilikayo indlu ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.
Lokhu kubukeka kuthele izithelo ezinhle kwi-IFP njengoba leli qembu selizolawula ngokuphelele isabelomali sikamasipala semali elinganiselwa ku-R5.3 billion.
I-ANC ebiphethe lesi sigceme kusukela ngo-1994 ithole u-43% wamavoti kuphela okuyisibalo esehle sisuka ku-59% okhethweni olwedlule.
I-EFF eyabamba iqhaza elikhulu ngemuva kokhetho lwanyakenye ithole u-2% wamavoti kuphela.
Manje i-EFF ibhekene nehlazo lokuphuma esikhundleni sokuba iphini leMeya njengoba sebumuncu ubudlelwano bayo ne-IFP.
Ukube i-ANC iwinile kulesi sigceme ngabe leli qembu seliphinde lalawula umasipala – oyingxenye yomgogodla womnotho waseKZN njengoba uhlanganisa nechweba lase-Richards Bay.
Ngemuva kokwehlulwa, uNobhala we-ANC esifundazweni uMnu Bheki Mtolo uhlasele i-IFP esola leli qembu ngokuthenga amavoti nokukhwabanisa ukuze iwine lesi sigceme.
USihlalo we-IFP esifundazweni uMnu Thami Ntuli ophinde abe yimeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uyewaphendula.
“I-ANC isiphumele obala ngenqwaba yezinsolo ezingenabufakazi mayelana nokuthengwa kwamavoti,” kusho uNtuli.
Ukuwina kwe-IFP kungase kube okwesikhashana njengoba i-EFF ihlela ukulahla iqembu ukuze ivune i-ANC komasipala ababalelwa kwabangu-18 uma la maqembu amabili ebusa ngokubambisana.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iqembu le-EFF ebeliholwa iPhini lomholi weqembu uFloyd Shivambu lihlangane nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngenhloso yokuhlela isu.
Lokhu kuwina kuyisikhuthazo esikhulu kwi-IFP ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.