I-IFP ibhekene nezinkinga zobuholi

Lubhalwe nguMlungisi Gumede

Kunombango phakathi kwakhe noMntwana wakwaPhindangene ngokuthi ngubani okumele abe ubuso beqembu, kuphinde kube nombango ngokuthi ngubani okumele angenele esobuNdunankulu eKZN phakathi kwakhe noThami Ntuli.

I-IFP ibhekene nengwadla yangaphakathi yokuthi ngubani okumele abe ngubuso beqembu okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo phakathi kukaMntwana uMangosuthu Buthelezi noma uMengameli weqembu uVelenkosini Hlabisa.

I-Scrolla.Africa sithole ngemithombo ethembekile kule nhlangano ukuthi uHlabisa ulwa enye  mayelana nokuthi ngubani okumele abe ngumholi weqembu KwaZulu-Natal. Uphinde abe nenkinga yokubhekana noSihlalo wesifundazwe uThami Ntuli.

Amalungu agqoka izikibha ezinobuso bukaHlabisa kuthiwa azoshushiswa. UNtuli kuthiwa nguyena ophehla itulo lokushushisa amalungu agqoka izikibha ezinoHlabisa.

Lokhu kuholele ekuphenduleni kukaNobhala we-IFP kuzwelonke, uMnu Siphosethu Ngcobo othumele incwadi konobhala bezifunda beqembu ebacela ukuthi balethe uhlu lwamalungu abonakale egqoke izikibha ezinobuso bukaHlabisa esikhundleni salezi ezinoButhelezi.

I-memo ebonwe i-Scrolla.Africa, mhla zizine kuNhlaba ifundeka kanje: “Uyacelwa ukuthi ulethe uhlu nemininingwane yawo wonke amalungu noma abantu besifunda sakho ababonakale begqoke izikibha noma abafake isembatho esinophawu lwe-IFP esingenabo ubuso bomsunguli kanye noMengameli weqembu uMntwana uMangosuthu Buthelezi, kodwa kunobuso bukaMengameli ohlezi uVF Hlabisa ngokuphambana nesinqumo seqembu.

Imininingwane izothunyelwa ehhovisi lami mhla zinhlanu kuNhlaba.”

Ilungu elikhulume ne-Scrolla.Africa, kodwa elingathandanga ukudalulwa igama lithe inhloso yalo mkhankaso ukubeka eceleni uHlabisa. Uthe akukho okubi ngokugqoka isikibha esinobuso bukaHlabisa ekubeni enguMengameli weqembu.

“Asazi ukuthi isiphi isinqumo esivimbela ukuthi sigqoke izingubo ezinobuso bukaMengameli wethu, kodwa siyazi ngesinqumo esasithi kumele sinike unyaka ka-2021 kumsunguli weqembu.”

UNgcobo uthe ukubonile ukuhlaselwa kwe-IFP nomsunguli wayo encwadini yangaphakathi aseyidlulisele kuzo zonke izinhlaka zeqembu. Uqhube wathi nakuba kungewona umkhuba wakhe ukuxoxa ngezindaba zangaphakathi eqenjini ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ubona kufanele aveze umongo we-memo njengoba sekukhulunywa kabi ngayo.

I-IFP njengawo wonke amaqembu ezepolitiki, ibizilungiselela u-2024 futhi iqale izingxoxo zangaphakathi mayelana nokuziphatha yathi akekho ongaphika ukuthi uMntwana uMangosuthu Buthelezi uwuphawu oluqinile lwe-IFP.

UNgcobo uthe ukuphumelela kweqembu okhethweni lokuchibiyela kudalwe nguButhelezi.

“Kungenxa yefa lakhe nokuzinikela kwakhe ebuholini obunesimilo nokuziphatha okwenza i-IFP iqhubeke nokukhula isuka okhethweni lokuchibiyela. Umkhandlu kazwelonke we-IFP uyisigungu esiphezulu esithatha izinqumo zeqembu ngakho-ke, usunqume ukuphinda uqinisekise isinqumo seqembu esathathwa ngo-2019 nango-2021 sokuqhubeka nokusebenzisa ubuso bomsunguli wethu njengophawu lwethu.

“Umkhiqizo wethu ungamandla ethu futhi ukuziphatha kahle kwemikhiqizo kuzoba ukhiye njengoba siqala lokho esikholelwa ukuthi kuzobe kukhombisa amandla okhethweni luka-2024,” sifundeka kanjalo isitatimende.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNtuli ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nemiyalezo athunyelelwe yona akazange ayiphendule ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa

Izihloko zakamuva