
Celani Sikhakhane
I-IFP ingase ilahlekelwe umasipala wakwaNongoma njengoba i-ANC ne-NFP bebheke i-EFF ukuze ibaxhase ukuthatha uMasipala.
Lokhu kulandela ukhetho lwangoLwesithathu olwedlule kwiwadi yesi-17 neyesi-20 lokuvala izikhala zamakhansela ashona ngonyaka odlule.
I-ANC ibheke ukweseka i-EFF ngemuva kokuthi umholi wayo uJulius Malema ememezele ngesonto eledlule ukuthi i-IFP kumele ivalelise kuMasipala wakwaNongoma. Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-IFP yenqabile ukuvota ne-EFF ngesikhathi umkhandlu waseGoli uhleli ngenyanga edlule.
Umphumela wokhetho lokuchibiyela ukhombisa ukuthi i-EFF ne-IFP kanjalo ne-ANC ne-NFP banezihlalo ezingu-22.
USihlalo we-ANC e-Zululand, uMnu uKhaya Khumalo, uthe banethemba lokuthi bazosebenzisana ne-EFF ukuze kuthathwe uNongoma, njengoba i-EFF ingasafuni ukusebenzisana ne-IFP.
“Sizoba nomhlangano nobuholi be-EFF ukuze sibacele ukuthi basivotele sithole izinombolo zokuthatha izintambo kwaNongoma,” kusho uKhumalo.
Umakhalekhukhwini kaSihlalo we-IFP uThami Ntuli ubukhala ungabanjwa.
UNobhala Jikelele we-NFP, uMnu uCanaan Mdletshe, uthe babeka amathemba abo kwi-EFF ukuthi izophuca uNongoma kwi-IFP.
“Sihlela ukuhlangana nabo ngoMgqibelo ukuze sithole indlela yokuphuca uNongoma kwi-IFP. Kodwa i-National African People’s Front (NAPF) iyona ongqondongqondo futhi sihlela ukukhuluma nayo,” kusho uMdletshe.
KwaNongoma sekuneminyaka eminingi kuyisizinda se-IFP. Kodwa ngonyaka ka-2011 uMasipala wanqotshwa i-NFP ngaleso sikhathi eyayingaphansi kobuholi bukaZanele Ka Magwaza Msibi.
Ngonyaka ka-2016 i-IFP ikwazile ukubuyisela uMasipala. Kwathi ngonyaka ka-2021, i-IFP yasizwa i-EFF ne-NAPF ukuthi ibambelele kuMasipala wakwaNongoma.
UMnu uVusi Khoza we-EFF uthe abakasithathi isinqumo, kodwa uma sebehlangene njengenhlangano bazomemezela ukuthi isiphi isinqumo sabo.