Celani Sikhakhane
Ikhomishini ezimele yokhetho KwaZulu-Natali iziqhelelanisa nokubulawa kwabantu abathathu okwenzeke ngoMsombuluko eMgungundlovu eduze kwesinye sezikhungo zayo zokuvota.
Okhulumela i-IEC eKZN, uThabani Ngwira, uthe ukubulawa kwabantu akusithikamezi isikhungo sokuvota.
Kusolwa ukuthi amadoda amathathu apake imoto yawo ngaphansi kwesihlahla eduze kwesikhungo sokuvota e-Azalea ngesikhathi amaphoyisa eya kuwo.
Laba balisa abathathu behle emotweni badubula izibhamu bebhekise emaphoyiseni nawo aziphindiselela adubula abathathu bashona.
I-Independent Police Investigative Directorate (i-Ipid) iphenya ngezimo eziholele ekubulaweni kwalaba balisa abathathu.
Okhulumela i-Ipid, uGrace Langa, uthe isizathu esenze la madoda abehamba ngemoto engenazo izinombolo ukuthi apake eduze kwesikhungo sokuvota, asaziwa.
Uthe i-Ipid iphenya icala lokushona elenziwe ngamaphoyisa.
“Eminye imininingwane izotholakala njengoba sisaqhubeka nophenyo,” kusho uLanga.