Dylan Bettencourt
Amathuba okuthi i-Formula 1 ibuye kuleli ayanda njengoba inkundla yomjaho i-Kyalami ifakwe ekhalendeni lesikhashana lango-2023.
Uma umjaho wezimoto i-Grand Prix ubuyela e-Kyalami kuzobe kungokokuqala e-Afrika kusukela ngo-1993 lapho u-Alain Prost adla khona umhlanganiso ehlula u-Ayrton Senna.
I-De Telegraaf ibika ukuthi elakuleli lifakwe ekhalendeni okwesikhashana.
Nakuba i-Kyalami ingase ifakwe, imijaho yase-Belgium neyase-France ingase yehliswe ekhalendeni ngenxa yezinkontileka. Njengamanje i-Monaco isakhona ekhalendeni.
I-Formula 1 izobuyela e-Las Vegas okokuqala ngqa kusukela ngo-1984 ngomjaho osemgqeni odume kabi ohlelelwe umhlaka-18 kuLwezi.
I-Bahrain isiphinde yaba umjaho wokuvula kanti i-Abu Dhabi iphinde yagcina indawo yayo yokuqeda isizini.
I-Miami Grand Prix ilethe impumelelo enkulu kwi-Fomula 1 emqhudelwaneni othathwe “njenge-Super Bowl”.
Umjaho we-Miami uhlehliselwe uNhlaba ngezinhlelo zokuqala ngemuva kwe-Canadian Grand Prix ukuze kuncishiswe i-carbon footprint yezemidlalo. Kodwa-ke lolu hlelo lusazovunywa.
Akukho okuqinisekisiwe, kodwa isikhulu esiphezulu se-Formula 1, uStefano Domenicali, ovakashele inkundla yomjaho i-Kyalami ngenyanga edlule, uthe: “Izingxoxo ziyaqhubeka kanti ngicabanga ukuthi sizoba nempendulo maduze.”