Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Kungakapheli ngisho isonto amaqembu ezepolitiki esayine isivumelwano sokujoyina uHulumeni woBumbano lukaZwelonke (GNU), isimo sesivele sashuba njengoba amanye amaqembu evikela izikhundla zawo kumaqhinga kaHelen Zille.
UZille, onguSihlalo we-DA, ufuna ukuthi iqembu laziswe ngaphambi kokuthi i-ANC imeme amanye amaqembu ezepolitiki ukuthi ajoyine i-GNU. Uveze ukuthi i-DA ayizange itshelwe nge-Patriotic Alliance (PA) ejoyina i-GNU.
NgeSonto amaqembu ezepolitiki okubalwa i-Good Party, i-PAC, ne-PA ahambele umhlangano we-GNU obizwe yi-ANC asayina isitatimende sokusebenzisana ngenhloso yokujoyina i-GNU.
Amaqembu epolitiki ayisishiyagalombili okubalwa kuwo i-ANC, i-DA, i-PA, i-IFP, i-Good, i-PAC, i-Rise Mzansi ne-PAC akha uHulumeni woBumbano lukaZwelonke.
Ngokwesitatimende senhloso ye-GNU, noma nini lapho amaqembu amasha efisa ukujoyina i-GNU amaqembu akhona kufanele axoxe futhi avumelane ngohlelo.
UZille uthe bekumele i-ANC ixoxisane nabo ngesikhathi imema i-PA ku-GNU.
“I-ANC ayikwazi ukuletha abantu abathandwa ibona,” usho kanje.
“I-ANC kumele ibone ukuthi ayisazithathi zonke izinqumo. Ayizange iphumelele kukhetho.”
IPhini likaMengameli we-PA uKenny Kunene uthe iqembu liyanqaba ukuxhashazwa yi-DA, esaba ukuthi izoyiphonsela inselelo ngokucwasa kwayo.
“UZille akakwazi ukungazenzi umuntu omkhulu, azikhukhumeze futhi abe luhlaza,” usho kanje.
“Isitatimende esisayiniwe senhloso ayusona inkontileka. Uma zonke izinhlangothi sezijoyinile kuzochibiyelwa umqulu wokugcina bese usayinwa yilabo abathintekayo.”
“Uzibona engaphezulu kwawo wonke amaqembu akuhulumeni wobumbano,” kusho uKunene.
“Abafuni sibe yingxenye ye-GNU ngoba bayazi ukuthi sizobhekana nezinkinga zabo. Yithina kuphela iqembu elingamelana nemikhuba yabo yobandlululo.”
UNobhala-Jikelele we-Good Party, uBrett Herron uthe kuyinkinga ukuthi uZille alindele ukuthi kukhulunywe nabo ngawo wonke amaqembu asayina umqulu we-GNU futhi okumele avunyelwe ukujoyina.
“Lokhu kungenxa yokuthi baqale basayina lo mbhalo. Ukube sawusayina lo mqulu ngesikhathi siwuthola ngoLwesihlanu besizoba ngabokuqala ukuthi kukhulunywe nabo,” usho kanje.
“Isitatimende senhloso sikhomba kuphela amaqembu afisa ukungena ku-GNU. Mningi umsebenzi okusamele wenziwe, futhi kuzoba nelekgotla yazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze kudingidwe ngohulumeni.”
Osesithombeni esingenhla: uHelen Zille.
Umthombo: Sithunyelwe