I-Gift of the Givers imba amanzi ukuhlenga isibhedlela i-Rahima

Dylan Bettencourt

I-Gift of the Givers isiqalile ukubhola amanzi esibhedlela i-Rahima Moosa Hospital ukuze ibasindise ebunzimeni obubucayi bamanzi.

Isibhedlela esise-Coronationville, eGoli asikaze sibe nawo amanzi kusukela mhla zi-19 kuNhlaba.

Umsunguli we-Gift of the Givers, uDkt Imitaaz Sooliman uthe: “Ukulethwa kwamanzi esibhedlela nasesifundazweni kuvaliwe ngaphandle kwencazelo ecacile evela kuziphathimandla zamanzi ezifanele.”

Uthe ukushoda kwamanzi ngenxa yengqalasizinda yamanzi engeyinhle eDolobheni laseGoli kufike ngesikhathi esibi kakhulu njengoba iNingizimu Afrika isingene esigabeni sayo sesithathu sokutheleleka nge-Covid-19.

Isibhedlela sathinta i-Gift of the Givers ngethemba lokuthola amanzi asemabhodleleni, izindlu zangasese ezithwalwayo kanye namathangi amanzi noma olunye usizo lokudambisa isimo esibucayi esibhedlela.

Isiza sokubhola sesivele sikhonjiwe futhi yavunyelwa i-Gift of the Givers ukuthi iqale ukubhola ukuze inikeze isibhedlela amanzi adingekayo ukuze asebenze ezingeni eliphephile nelikahle.

Inkinga ibe yimbi kakhulu ngesikhathi kuvalwa isibhedlela i-Charlotte Maxeke ngenxa yomlilo owaba khona ngoNdasa, kwathi isibhedlela i-Rahima Moosa sathatha iziguli zabo.

Inani elandayo leziguli ezingenawo amanzi ahlanzekile lenyusa ingozi yokutheleleka kwegciwane.

Umthombo wesithombe: @Giftofthegivers

Izihloko zakamuva