I-Gift of the Givers ihlela ukuyosiza e-Ukraine

Dylan Bettencourt

Inhlangano i-Gift of the Givers ikuqinisekisile ukuthi izohlinzeka ngosizo emazweni akhungethwe izimpi.

Esitatimendeni esikhishwe ngoMgqibelo, inhlangano esiza abantulayo eyaziwa emhlabeni wonke imemezele ukuthi izodlulisela usizo lwayo e-Ukraine, e-Afghanistan kanye nase-Syria.

“Ukungenelela kuzoba izingxenye ezimbili: ukuhlinzeka ngosizo oluphuthumayo lwezokwelashwa nokuhlinzeka ngosizo ezikhungweni ezihamba phambili kanye nezakhamuzi ezixoshwa ngaphakathi e-Ukraine,” kusho le nhlangano.

Bathe bazoxhasa ngemali ukuze kubuyiselwe abafundi baseNingizimu Afrika abafuna ukubuyela emakhaya njengoba abanye bancamela ukuhlala e-Europe.

Isinqumo sokusekela lezi zifunda size ngemuva komhlangano nabamele i-Slovakia, i-Romania, uNgqongqoshe Wezempilo wase-Ukraine, udokotela wase-Kyiv, i-Croatia kanye nodokotela abahlinzayo baseMelika.

“Ngemuva komhlangano, sithole ucingo oluvela kumxhumanisi wosizo wase-Ukraine izolo ebusuku ukuze sizwe ngezinkinga ezihlukahlukene,” kusho i-Gift of the Givers.

Inhlangano ithumele indlela okungasingathwa ngayo isimo sokusiza e-Ukraine njengoba ibhekane nesimo esicishe sifane nase-Syria lapho ithimba laseNingizimu Afrika layiswa ukuyosiza esibhedlela i-Ar-Rahma.

Inhlangano esiza abanhlwempu yengeze ngokuthi asenziwe amalungiselelo okuthenga izinto ezimbalwa e-Europe nase-Ukraine ngesikhathi kusalindwe izimpahla ezivela eNingizimu Afrika ukuba zifike esifundeni ngezindiza ezihleliwe.

I-Gift of the Givers iphinde yaxoxisana nezinkampani eziningi ezithaka imithi, izinkampani ze-medical Aid kanye nezinkampani ezikwi-corporate. 

“Kumanje umndeni waseNingizimu Afrika e-Ukraine usabalalisa usizo egameni lethu. Sixhase ngezimali kusizo olulethwe okokuqala namuhla, endaweni yase-Ivano-Frankivsk. Usizo luzothunyelwa nase-Kharkiv,” kusho le nhlangano.

Lolu hlelo lwengeza kuwo wonke umsebenzi osuwenziwe yile nhlangano i-Gift of the Givers njengokunikeza usizo e-Somalia nase-Malawi nangesikhathi kulungiswa isibhedlela sikahulumeni eNingizimu Afrika njengesibhedlela i-Northdale  esiseMgungundlovu.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva