I-Ghana neNingizimu Afrika benze isivumelwano sokusebenzisana

Mmaditaba

UMengameli uCyril Ramaphosa kanye noMengameli wase-Ghana uNana Akufo-Addo bathathe ubudlelwano bamazwe ngamazwe babubeka kwelinye izinga ohambweni lukaMengameli lwakamuva lokuvakashela izwe laseNtshonalanga ye-Afrika.

Laba bobabili bagubhe ukuhlanganisa amadili ahlukahlukene ngemdanso esingasoze sayikhohlwa. Uma ungakayiboni ividiyo, kufanele uyibuke lapha.

Ividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana ishiye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana  bebambe ongezansi, kanti ingxenye yalabo abaphawulile ibigcwele uhleko ngokudansa kukaNgqongqoshe wezokuBuyekezwa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uThoko Didiza noMengameli u-Akufo-Addo.

Ake ucabange omalume nomalumekazi emshadweni womndeni, bekhululekile belungele ukuba nomcimbi.

Kodwa ngokusobala, oMengameli basayine izivumelwano zokusebenzisana emikhakheni eyahlukene noMengameli uRamaphosa ngokubiza lesi sikhathi: ‚Äúngombono kaKwame Nkrumah‚ÄĚ.

‚ÄúSifuna ukubona imibono eyasungulwa obaba bethu nababenayo ifezeka e-Afrika,‚ÄĚ esho.

Lezi zivumelwano zihlose ukuqinisa ukuhwebelana phakathi kwala mazwe amabili.

Izihloko zakamuva