I-Ghana izodlala ngokuzimisela ukuze izibeke emathubeni okudlulela phambili

Razeen Gutta

Ukudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Cabo Verde kudlulisele i-Cameroon emzuliswaneni womkhumulajezi we-Afcon 2021 njengoba bebesesicongweni   osukwini lokugcina lomdlalo ku-Group A.

I-Cameroon ivule inkundla ngomgadli wabo owaziwa ngokushaya amagoli uVincent Aboubakar ophinde washaya igoli lakhe lesihlanu kulo mqhudelwano.

Igoli elihle likaGary Rodrigues alishayele i-Cabo Verde livimbe i-Indomitable Lions ukuthi iwine  okwesithathu emzuliswaneni futhi lokho kushiye izwe elihleli endaweni yesi-15 e-Afrika lilinde  ukubona ukuthi basangakwazi yini ukuqhubekela phambili.

Basethubeni lokudlulela phambili ngoba amaqembu amane aphume endaweni yesithathu azokwazi ukungena emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano.

Ukudlala ngokulingana ngo 1-1 kwe-Burkina Faso idlala ne-Ethiopia kuqinisekise ukuthi izongena kuhlu lwamaqembu angu-16. UCyrille Bayala ushayele i-Stallions igoli esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi umholi wabo akhishwe esendaweni yephenalthi ngemuva nje kwekhefu.

Ukugadla komdlali wenyuvesi yasePitoli, uGetaneh Kebede, akwanelanga ukuthi ama-Walias adlulele phambili ngisho esethathe iphuzu elilodwa kulo mqhudelwano.

NgoLwesibili kuzophothulwa imidlalo ku-Group B no-group-C, lapho i-Senegal kaSadio Mané idinga iphuzu njengoba izobe ibhekene ne-Malawi ukuze iqinisekise indawo yesibili ephezulu.

I-Ghana yona iyazi ukuthi ukunqoba i-Comoros kuzoyibeka emathubeni amahle okuhlungela ukungena emzuliswaneni olandelayo.

Izihloko zakamuva