Dylan Bettencourt
Iqembu lebhola lezinyawo labesifazane base-Ghana labaneminyaka engaphansi kwengu-17 litholakale linecala lokudlalisa abadlali abakhulile ngeminyaka phakathi nemidlalo yabo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-Women U17 yalo nyaka.
Lokhu sekuholele ekutheni i-Confederation of African Football (i-CAF) ibeke isijeziso sokuvimbela leli qembu ukudlala emiqhudelwaneni emibili yeNdebe yoMhlaba ezayo.
I-Ghana iphinde yakhokhiswa inhlawulo enkulu ka-R1.6 million.
Uphenyo luqale ngesikhathi i-Morocco ithi i-Ghana idlalise abadlali ababili asebekhulile kanti lokho kutholakale ukuthi kuyiqiniso. I-Morocco ihlulwe i-Ghana kweyokuhlunga.
I-Ghana Football Association (i-GFA) ithe izosiphikisa lesi sinqumo.
“Phambilini sithumele incwadi yokuzivikela ngesikhathi lezi zinsolo ziqala. Njengesigungu esengamele, sinethemba elikhulu ebhodini lokudlulisa amacala le-CAF ukuthi lichithe lesi sinqumo,” kusho isikhulu esiphezulu se-GFA sitshela i-BBC Sport Africa.
Akukhona okokuqala i-Ghana noma amaqembu abo abangaphansi kweminyaka engu-17 etholakala enecala lokuqamba amanga ngeminyaka yabadlali.
Ngo-2014 iqembu labesilisa lavinjelwa kwi-Africa Cup of Nations U17 yango-2015 ngemuva kokuboleka abadlali asebekhulile emdlalweni wokuhlunga bebhekene ne-Cameroon.
I-Cameroon ibhekene nezinsolo zokuqamba amanga ngeminyaka yabadlali abangu-44 bamaqembu ayisishiyagalombili ahlukene.
Abadlali abaphenywayo njengamanje kutholakale ukuthi badala kunalokhu okushiwo omazisi babo.
Abadlali abazotholakala benecala ngesikhathi sokuqulwa kwamacala okuzophothulwa ngoLwesihlanu bazogwetshwa izinyanga eziyisithupha.
Ukuqamba amanga ngeminyaka kubonakale kuyinto evamile e-Afrika yonkana, kangangokuthi i-Fifa yenze izivivinyo ze-MRI scan ezaqala ukusetshenziswa kwiNdebe yoMhlaba ye-U17 e-Nigeria ngo-2009.
I -Cameroon Football Association ivimbele abadlali abangu-14 bavinjelwe ukubamba iqhaza kwi-Africa Cup of Nations U17 ngemuva kokutholakala benecala.
Umthombo wesithombe: @Goal