Kamogelo Muvhenzhe
I-Ghana yethule eminye imithetho eqinile emhlabeni yokugomela i-Covid, njengoba bezohlawulisa izinkampani zezindiza imali eyizi-55,000 zamarandi umgibeli ngamunye ongagonyiwe ozongena kwindiza.
Umyalelo omusha ohlose ukumisa ukusabalala kohlobo lwe-Omicron olusanda kutholwa uzoqala ukusebenza ngoLwesibili, lapho iziphathimandla zithi zikhathazekile ngokwanda kwalesi sifo ngesikhathi samaholidi.
Le nhlawulo ihlose ukuvimbela abokufika abangakawutholi umjovo ukuthi bangene kuleli.
Izakhamuzi zase-Ghana kanye nezakhamuzi zaphesheya kuzodingeka ukuthi zigonywe uma zifika esikhumulweni sezindiza.
Kuze kube manje, izwe laseNtshonalanga ne-Afrika seligome kuphela inani elingaphansi kwamaphesenti ayishumi labantu kubantu abayizigidi ezi-30 abakhona.
Iziphathimandla ziphinde zathi lo mgomo uzokwenziwa ube impoqo kubasebenzi bakahulumeni, abezempilo kanye nabafundi kusukela ngoMasingana ngonyaka wezi-2022.
I-Ghana ilandela ezinyathelweni ze-Australia ne-Greece ngokuletha izinhlawulo zabangafuni ukugoma.
I-Australia imemezele ukuthi abantu abaneminyaka eyi-14 nangaphezulu bazohlawuliswa imali efinyelela kwizi-65 000 zamarandi njalo ezinyangeni ezintathu uma bengagonywa.
Khonamanjalo e-Greece, uNdunankulu uKyriakos Mitsotakis umemezele ukuthi ukugonyelwa i-Covid kuyimpoqo kubantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu futhi bazokhokhiswa inhlawulo eyi-1,800 yamarandi nyanga zonke labo abazobe bengagomile.
“Lena ‘imali yezempilo,’ akusona isijeziso,” kusho uNdunankulu.