I-Germany ivumile ukubuyisela ubucwebe obantshontshwa e-Namibia

Dylan Bettencourt

Isigcinamagugu sase-Germany sivumile ukubuyisela emuva izinto zakudala ezingu-23 okuhlanganisa nobucwebe obuyigugu namathuluzi  ezweni lendabuko e-Namibia.

Ngokungajwayelekile isivumelwano sokubuyisela izinto zobuciko sibhalwe ngokuthi imalimboleko engaphela okushiya kuvuleke ithuba lokuthi i-Berlin Ethnological Museum ingase izame ukuyibuyisela esikhathini esizayo.

Lesi senzo siwumzamo wokukhuthaza ukubuyisana phakathi kwe-Germany ne-Namibia. Izwe lase-Europe labulala abantu ezweni lamakoloni eminyakeni eyikhulu edlule.

Uhulumeni wase-Germany wasivuma ngokusemthethweni lesi sibhicongo ngoNhlaba nyakenye futhi uzibophezele ekukhokheleni i-Namibia imali engaphezu kuka-R18 billion yokunxeshezelwa.

“Amaqoqo akhombisa inqubo yobukoloni kwezinye izimo ezinodlame kakhulu,” kusho i-Berlin Ethnological Museum esitatimendeni.

“Baphinde bakhombise ubuhlakani babantu base-Namibia.”

Umqondisi we-National Museum of Namibia u-Esther Moombolah uthe akumele izakhamuzi zakuleli zindize ziye kwelinye izwe ukuze zibone amagugu azo.

UMoombolah uthe ukubuyiswa kwezinto zobuciko kuyigxathu eliya phambili ekuhloleni kabusha umlando omude onzima phakathi kwe-Namibia ne-Germany.”

Babalelwa ku-75,000 abantu abavela emiphakathini yama-Nama nama-Herero ababulawa ngesikhathi sokubulawa kohlanga e-Namibia okwenziwa amakoloni ase-Germany ekuqaleni konyaka ka-1890.

Amasosha ase-Germany aqeda ukuvikela aphinde axoshe amavukelambuso lapho izinkulungwane zabulawa indlala noma ukuphelelwa amanzi emzimbeni.

Nyakenye kube nesivumelwano esiyingqopha-mlando esasayinwa phakathi kwamazwe amabili lapho i-Germany yavuma khona ukuthi inesandla ekubulaweni  kwabantu yase ivuma ukukhokhela i-Namibia isinxephezelo sika-R15.2 billion.

Yize i-Germany ibingenawo amandla amaningi e-Afrika njenge-France ne-Britain leli lizwe lisaphethe amazwe amaningi okubalwa kuwo i-Burundi, i-Rwanda, i-Tanzania, i-Namibia ne-Cameroon.

Eminyakeni yakamuva nje i-Germany ibuyisele amathambo abantu e-Namibia, izinto ezathunyelwa e-Berlin ngaphambilini ukuze zizohlolwa. 

Umthombo wesithombe: @TheNamibian

Izihloko zakamuva