Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uhlela ukwakha izikole ezintsha ezingu-17 emiphakathini ekhula ngokushesha.
Kuzogxilwa kakhulu ezikoleni zasemalokishini, emahostela, nasemijondolo.
Ubeke eceleni u-R1.6-billion wokwenza lokhu ovela emnyangweni wokuthuthukisa ingqalasizinda e-Gauteng.
Izikole ezintsha ziyingxenye yohlelo lomnyango lwezikole ezintsha nezishintshwayo.
Isabelomali somnyango sika-2024-25 singu-R65.8-billion, okusho ukuthi sinyuke ngo-R2.4-billion kunonyaka odlule.
NgoLwesithathu, uChiloane etshela isiShayamthetho sesifundazwe sase-Gauteng uthe isibalo sabafundi sikhula ngokushesha, njengoba kunabafundi abasha ababalelwa ku-50 000 unyaka ngamunye kule minyaka emihlanu edlule.
“Sizogxila emabhilidini amasha silungise namadala,” kusho uChiloane.
UMnyango uphinde wathola u-R1.5-billion ovela kuMgcinimafa kazwelonke wokwakha ezinye izikole ezingu-18 kule minyaka emithathu ezayo. Izinkontileka sezikhishiwe, futhi ukwakhiwa kuzoqala maduze.
Ezinye izikole ezine zizokwakhiwa i-Developtment Bank of South Africa.
UChiloane uthe uhlelo lomnyango luhlose ukuthuthukisa izinga lemfundo ngokusiza othisha nabafundi.
“Lokhu kuzokwenza ukufundisa kube ngcono futhi kusize abafundi ukuthi bafunde kabanzi. Siphinde sibheke izindlela zokusiza imindeni enenkinga yokufunda nokubhala nehlwempu,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane.
Umthombo: Doreen Mokgolo