I-Gauteng ayizange ililungiselele ngokwanele igagasi lesithathu – kusho usihlalo we-MAC

Dylan Bettencourt

Isifundazwe sase-Gauteng sibe nesikhathi esanele sokuzilungiselela ukubhekana negagasi lesithathu lokutheleleka ngokhuvethe, kodwa sahluleka ngokuphelele ukwenza lokho, kusho usihlalo we-Ministerial Advisory Committee (MAC) engxoxweni kumabonakude.

USolwazi Koleka Mlisana uthe: “Lokhu ukwehluleka koMnyango wezeMpilo esifundazweni njengoba ungazange uzilungiselele ngesikhathi obekufanele ngabe ulungiselele ngaso. Sisenkingeni enkulu uma ubheka izinombolo.”

Umbiko wakamuva we-National Institute for Communicable Diseases (NICD) ukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika iqophe isibalo sabahaqwe igciwane cishe abayi-17 500 emahoreni okugcina angama-24.

Kulesi sibalo, i-Gauteng iqophe isibalo esiphakeme sabahaqwe igciwane abayi-10,806, okungu-62% sebebonke.

UMlisana uqhubeke wathi inkinga enkulu esifundazweni ukushoda kwemibhede ezibhedlela zase-Gauteng, wathi uMnyango uhlulekile ukulandela izeluleko zekomidi layo elacela ukuthi eminye imibhede itholakale ngesonto eledlule.

INingizimu Afrika njengamanje inesibalo sabantu sabahaqwe igciwane lokhuvuthe abayi-130,416, kulandelana nesibalo esiqinisekisiwe esinyuke saba yizi-1,861,065 kusukela ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: @mymcmurray

Izihloko zakamuva