Razeen Gutta
I-Gambia imangaze abaningi ngesikhathi iqumba phansi i-Guinea ngoMsombuluko ebusuku yadlulela kuma-quarter final kweye-Afcon.
Ama-Scorpions ase-Gambia ahleli endaweni ka-150 ohlwini lwe-FIFA emhlabeni.
Leli qembu likhombise kusukela ekuqaleni komqhudelwano ukuthi alizile ukuzosinekisa amahleza.
Bebezimisele kakhulu emdlalweni yesigaba samaqoqo.
I-National Elephants yase-Guinea, ehleli endaweni ka-72 emhlabeni, iholwa isihlabani se-Roma u-Amadou Diawara ngemuva kokuthi owe-Liverpool uNaby Keita engakwazanga ukuba khona ngenxa yokumiswa kwakhe.
Ngakolunye uhlangothi, ukaputeni we-Gambia uMusa Barrow nguyena owenze umehluko eqenjini lakhe. Ukushaywa kwakhe ngomzuzu ka-72 kube yilona goli elishayiwe kwaze kwaphela lomdlalo.
Yize izinhlangothi zombili zithole amakhadi abomvu ngokuhamba komdlalo, i-Scorpions ikwazile ukuqhubeka idlale ngokuzimisela.
Ukwenza iphupho labo libe mnandi nakakhulu, uMengameli we-Gambia Football Federation uLamin Kaba Bajo umemezele ukuthi bazoklonyeliswa imali engu-$10,000 ilungu ngalinye eqenjini.
I-Gambia izobhekana ne-Cameroon kuma-quarter final ngemuva kokunqoba kwayo i-Comoros ngo 4-1.