Menzi Magubane
I-Marumo Gallants imangaze abaningi ngesikhathi ifinyelela kowamanqamu we-Nedbank Cup ngesizini yabo yesibili kuphela bedlala esigabeni esiphezulu sebhola lapha eNingizimu Afrika.
Ukufinyelela kowamanqamu kusho ukuthi isethubeni lokuphinde ihlungele i-CAF Confederation Cup, kungakhathalekile ukuthi izowina noma izohlulwa uma isibhekene ne-Mamelodi Sundowns ngomhlaka-28 kuNhlaba.
Ithuba lokungenela umqhudelwano wezwekazi lingase libuyise izilonda kwi-Gallants. Ngesizini edlule ihlulekile ukungena ngenxa yezizathu ezihlukene kubalwa nokuthi abadlali bebengenawo amaphasiphothi.
Abaphathi beqembu abakwazanga ukubhalisa abadlali abenele emzuliswaneni wokuqala womqhudelwano ngenxa yokuthi abanye abadlali babengenawo ama-visa okuvakashela ngaphandle kwezwe.
Bangu-11 kuphela abadlali ababhaliswe, okuhlanganisa nonozinti oyedwa kuphela.
Okwamanje, i-Gallants nayo izama ukuxazulula ingxabano yokuvinjelwa lokudayiselana ngabadlali. Leli qembu lase-Limpopo ligwetshwe amawindi amathathu okudayiselana ngabadlali ngenxa yokwehluleka ukunxephezela owayengumgadli we-Kaizer Chiefs uGustavo Paez.
Ngesizini edlule i-Gallants ithenge ikungelo le-Tshakhuma Tsha Madzivhandila (i-TTM) lokudlala kwiPSL, yagaxela kwingxabano ebiphakathi kukaPaez ne-TTM.
I-TTM yayalelwa i-Fifa ukuthi ikhokhele lo mgadli wase-Venezuela ngokunqamula inkontileka yakhe yeminyaka emibili ngokungemthetho ezinsukwini ezimbalwa esayinile ngo-2020.
Kodwa-ke, umqeqeshi we-Gallants uDan Malesela unethemba lokuthi ngesikhathi kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngesizini ezayo, iqembu lizobe seliyixazululile lenkinga.
“Izinhlelo zimi ngomumo. Okwamanje kuyilokhu okuyikhona kodwa ngicabanga ukuthi kuzothi kushaya isikhathi sokuvulwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali sizobe sesilulungisile lolu daba,” kusho uMalesela.
Ukuhlungela i-Confederations Cup kwe-Gallants kusancike kwi-Orlando Pirates okwamanje engene kowandulela owamanqamu.
Uma i-Orlando Pirates ingawuwina lo mqhudelwano izongena esikhundleni se-Gallants ngisho noma ingawina i-Nedbank Cup.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE