I-Gallants isanethemba lokuphendula amatafula kweyeCAF

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMarumo Gallants uRaymond Mdaka ukholelwa ukuthi konke kuzolunga ngemuva kokuhlulwa i-Young Africans ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni owandulela owamanqamu we-CAF Confederation Cup, emlenzeni wokuqala e-Tanzania ngoLwesithathu.

Iqembu lase-Limpopo lingenelwe ngamagoli esiwombeni sesibili enkundleni iBenjamin Mkapa, lasala nomsebenzi omkhulu wokuthi kumele banqobe umdlalo womlenze wasekhaya ngoLwesithathu oluzayo.

Okusengcupheni kumaGallants ukuthi bangaba yiqembu lesithathu lakuleli ukufinyelela kowamanqamu we-Confederation Cup ngemuva kokuthi i-Orlando Pirates ifike khona kabili neSupersport United.

“Sibona sengathi lo umdlalo obekufanele sihlulwe kuwo,” kusho uMdaka etshela ithimba labezindaba leMarumo Gallants.

“Sithole amathuba amaningi, sigeje amathuba amane elandelana kanti bathole amathuba amabili bashaya amagoli amabili, wonke ngesiwombe sesibili.

“Kodwa uma sibheka lo mdlalo ubungenzima kangako. Ukuthi nje asikwazanga ukuguqula amathuba ethu. Ngaleso sisekelo, sibona sengathi sisekhona isikhathi njengoba sizodlala umlenze wesibili ekhaya. Sibona sengathi singabuya futhi singakwazi ukunqoba.”

I-Young Africans kuzomele ilindele iMarumo Gallants ethe ukuhluka kancane emdlalweni womlenze wesibili enkundleni i-Royal Bafokeng.

“Lokhu kucacile iGallants kuzomele yenze izinguquko,” kusho uMdaka.

“Kunabadlali abambalwa abebengekho. Khumbula ukuthi uCelimpilo Ngema, uLesiba Nku noLebohang Mabotja bebengekho ngenxa yokulimala. Siyethemba ukuthi bazobe bekhona uma sibuyela ekhaya.”

Ngemuva kokujabulela isikhathi sabo e-Afrika nasekhaya, iMarumo isefomini futhi iwine umdlalo wayo wokugcinakwemihlanu.

Kodwa uMdaka akagxilile kangako kulokhu njengoba edalula izinhlelo zabo ngokumelene nabase-Tanzania.

“Sinomuzwa wokuthi sizokwazi ukuphumelela,” engeza.

“Kumele sithole igoli kusenesikhathi futhi kusobala ukuthi lokhu kuzobaphazamisa futhi kubafakele nengcindezi. Uma nje sizovala yonke indawo sibona sengathi sisenalo ithuba lokuya kowamanqamu.”

IGallants ekhaya izobe ilwa nokungahlulwa.

Isithombe esingenhla: IMarumo Gallants ebhekene ne-Young Africans

Umthombo wesithombe: Ama-Young Africans

Izihloko zakamuva