I-France izodlala eyomhlaba ngaphandle kwezingwazi zayo

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-France izoqala umdlalo wokuvikela iscoco sayo seNdebe Yomhlaba ngaphandle kohlu lwabadlali abavelele eqenjini ngenxa yokulimala njengoba uKarim Benzena owawina i-Ballon d’Or  ebe ngowokugcina ukukhishwa.

Uhlangothi luka-Didier Deschamps lufike e-Qatar ngaphandle kwabadlali basesiswini abavelele abafana noPaul Pogba, N’Golo Kante kanye nabanye ababili abalimele ababedlale indima enkulu ukuze iqembu liwine ngo-2018 e-Russia.

Kodwa isikhala esizovela kakhulu esikaBenzema.

Umhlaseli we-Real Madrid, kusenguye umdlali ovelele emhlabeni ngenxa yendondo ye-Ballon d’Or ayiwine ngenyanga eyedlule. Kade ebukeka esekulungele ukumela izwe lakhe, wavele walima ethangeni ngesikhathi ezilolonga ngosuku ngobusuku bomqhudelwano.

“Ngiyamzwela kakhulu uKarim, ubengeve ezimisele ngale Ndebe Yomhlaba. Noma sesehlelwe okunye okusha futhi eqenjini, mina ngiyalithemba iqembu lami. Sizokwenza ngakho konke okusemandleni ethu ukuthi siyinqobe le nselelo esibhekene nayo,” kusho uDeschamps esitatimendeni esikhishwe inhlangano yebhola i-France.

U-Olivier kuthiwa uzongena endaweni kaBenzema, njengoba lo mdlali oneminyaka engu-36 esalelwe amagoli amathathu ukuthi afike ezingeni likaThierry Henry lokuba umshayi wamagoli amaningi eqenjini le-France.

Osesithombeni esingenhla: UKarim Benzema

Umthombo wesithombe: @ESPNFC

Izihloko zakamuva