I-France izobhekana ne-Ireland kumqhudelwano we-Six Nation

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Umdlalo wamanqamu weNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo ka-2023, abaningi babecabanga ukuthi uzoba phakathi kwe-Ireland nezwe elalisingathe imidlalo i-France.

“Umdlalo wamanqamu wokuqala we-Northen Hemisphere,” bawubiza kanjalo.

Kodwa-ke kwaqhamuka iNingizimu Afrika kanye ne-New Zealand yamosha lobo bumnandi futhi lokho kwashiya imibuzo eyayingaphenduleki.

Uma womabili lamaqembu ebhekana ubani ozohamba nesicoco i-France noma i-Ireland?

Lowo mdlalo uzokwenzeka ngoLwesihlanu ebusuku emqhudelwaneni we-Six Nations.

Yebo noma kungayona iNdebe eyodwa kodwa womabili lamaqembu azobhekana.

I-Ireland izovakashela i-France emdlalweni wokuqala womqhudelwano. Umdlalo uzodlalelwa e-Marseille hhayi e-Stade de France e-Paris lapho bekudlalwa khona umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba, kodwa abalandeli base-France bazobe begcwele enkundleni, isimo sezulu sizobe sifana kanye namaqembu kanti konke okulindelekile kuzokwenzeka.

Womabili amaqembu alahlekelwe abadlali abayizihlabani. UJohnny Sexton usethathe umhlalaphansi kanti u-Antoine Dupont ukhethe ukudlala ku-Sevens kulo nyaka.

UFlanker uPeter O’Mahony uthatha izintambo njengokaputeni we-Ireland. Akanawo ubuhlakani obumangalisayo bukaSexton, kodwa unesitayela sobuholi esihambisana nendlela yomqeqeshi u-Andy Farrell.

I-France ngaphandle komdlali wabo we-flyhalf, uRomain Ntamack, izobe ithembele kuMatthieu Jalibert obonakala enza kangcono kakhulu kunoNtamack.

UBaptiste Couilloud noMaxime Lucu kufanele benze umsebenzi we-scrumhalf esikhundleni se-Dupont okuwumsebenzi onzima.

Okujabulisayo ngalomdlalo iqembu elizodla umhlanganiso kulo mqhudelwano lizothola isicoco se-Six Nations kanti kungenzeka lithole nendondo ye-grand slam.

Uma i-France idlala ngezinga eliphezulu izowina, kodwa kuzodingeka ihlakaniphe. I-Ireland ihlezi izimisele futhi ayiwenzi amaphutha. Emdlalweni onjengalo ukudlalela ekhaya kanye nabalandeli base-France abazobe begcwele inkundla kungase kube nomthelela omuhle.

Isithombe esingenhla: I-France ibhekene ne-Ireland.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva