I-France iqembu lokuqala ukudlulela kumkhumulajezi

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-France ibe ngeyokuqala ukungena kwi-knockout yeNdebe Yomhlaba ngokunqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ashawe uKylan Mbappe bebhekene ne-Denmark.

I-Australia ishaye i-Tunisia ngegoli elilodwa eqandeni ngesikhathi kudlala u-Group D.

Umdlalo wangoMgqibelo enkundleni yebhola i-AI Janoub, i-Australia ikwazile ukuvikela umlando wayo jengoba kungokwesibili idlala kwiNdebe Yomhlaba. Igoli elishawe uMitchell Duke esiwombeni sesibili ilona elibanikeze amaphuzu amathathu kade idlala ne-Tunisia, okubabeke endaweni yesibili emidlalweni yokuhlungela.

Imiphumela ibichaza ukuthi uma i-France okuyiyona ephethe iNdebe Yomhlaba iwina emdlalweni wayo ne-Denamark, kusho ukuthi bazoqhubekela phambili.

Noma kwenzekile lokhu kodwa i-Danes iwuqale kahle umdlalo futhi ibikhombisile ukuthi ayizile ukuzodlala. Baze bathatha ikhefu lingekho igoli elingenile ezinhlangothini zombili ingekho nento engahlukanisa ukuthi iluphi uhlangothi ebeliphethe ibhola kakhulu.

I-France ibuye isinecebo lokuthi izodlala kanjani futhi ibe namathuba amaningi ngesiwombe sesibili, njengoba uMbappe ebabeke phambili ngemuva kwehora bebuyile ekhefini. Igoli lakhe belichaza ukuthi naye usekwazile ukuthola igoli emidlalweni yakhe emithathu yeNdebe Yomhlaba.

I-Denmark ishaye igoli lokulinganisa ngemuva kwemizuzu embalwa elishawelis u-Andreas Christensen, njengoba edidise uHugo Lloris ngegoli alishaye ngekhanda.

UMbappe uphinde wahlasela ngelinye igoli. U-Antoine unqamule ngakuyena kodwa isihlabani se-PSG siwinise i-France emidlalweni elandelanayo eyisithupha yeNdebe Yomhlaba, okuwumlando wama-Les Blues.

Osesithombeni esingenhla: UKylian Mbappe

Umthombe wesithombe: @FifaWorldCup

Izihloko zakamuva