I-Formula One imemezela isu lokuguqula ukwenza ngcono ukwehluka ngokobuhlanga

Dylan Bettencourt

IKhomishini kaLewis Hamilton imemezele ukufundela phansi, ukuqeqeshelwa umsebenzi, kanye nokuqeqeshelwa ukuzimela kwamaqembu angamelwe ngenhloso yokuthuthukisa ukwehluka kobuhlanga kwi-Formula One.

I-Formula One yethule uhlelo lwabo lwe-#WeRaceAsOne ngowezi-2020 futhi yakhele phezu kwalo nezinhlelo zokugxila ekufundiseni amaqembu omphakathi amelwe yizinhlelo ezintathu ezehlukene zokwandisa ukwehluka kwezemidlalo.

Lezi mifundaze izohlinzeka abafundi abayi-10 abavela ezizindeni ezahlukahlukene, kubandakanya nabesifazane, ithuba lokufunda izifundo ezahlukahlukene zobunjiniyela ngezifundo ezikhokhelwe ngokuphelele kanye nesibonelelo sokuphila. Lokhu kuzoqala ngoMandulo ngowezi-2021 ezifundweni ze-undergraduate e-United Kingdom nase-Italy.

Uhlelo lokufundela umsebenzi luzokwenza abantu ababili babekwe enhlanganweni ye-F1 nayo ezoqala ngoMandulo futhi izogxila kwezobunjiniyela bemishini.

Ekugcineni, uhlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi luzobeka abafundela umsebenzi abayisithupha kuzo zonke izindima ezahlukahlukene enhlanganweni ngezinkontileka zesikhathi esifushane nesikhathi eside. Isitatimende se-Formula One sikuqinisekisile ukuthi abafundi ababili asebevele baqashiwe sebenikezwe namaqembu womabili wezimoto nezokumaketha.

Isitatimende se-Formula One sifundeka kanje: “Sikholwa ukuthi njengomdlalo wamazwe omhlaba ngempela singenza umehluko ngokusebenzisa izwi lethu nokuzimisela kwethu ukubhekana nalezi zinkinga ezibalulekile. I-Formula 1 ngumdlalo omele izigidi zabalandeli bomhlaba, futhi sifuna ukuthatha lezi zinyathelo ukuqinisekisa ukuthi siyahluka futhi sifaka phakathi umphakathi wethu.”

Le mifundaze eziyishumi izoxhaswa ngusihlalo ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu uChase Carey onikele cishe imali elinganiselwa kuzigidi eziyi-R15 ohlelweni lokuqeqeshwa.

UMengameli kanye noMphathi Omkhulu we-Formula One uthe lolu hlelo luyisiqalo nje sokwandisa ukwehluka kwabo: “Inhloso yethu ukuletha ubumbano ngokuhlskahlula kwethu nomthelela omuhle ohlala njalo emazweni nasemiphakathini esiyihambelayo.”

Umpetha woMhlaba uHamilton uzoziqhenya ngokuthi umsebenzi wakhe omkhulukazi wokulwa nokungalingani ngokobuhlanga kwezemidlalo manje usuguqulwe waba ushintsho lwenqubomgomo ukuthuthukisa amandla ezindawo eziningi kwezemidlalo.

Umthombo wesithombe: @FormulaOne

Izihloko zakamuva