I-Formula 1 nezindlela zokwenza imali 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


Isikhulu se-Formula 1 uStefano Domenicali siphakamise ukuthi bangase bahoxise izikhathi zokuzilolonga zangoLwesihlanu okungabeka ezemidlalo engcupheni.

I-Formula 1 isikhombise ukuthuthuka okukhulu eminyakeni yamuva, ngosizo lomdlalo owuchungechunge we-Netflix obizwa nge-Drive to Survive. Kodwa ekufuneni okungaphezi kwezemidlalo okuyimali eyengeziwe kungase kubeke le midlalo engcupheni.

UDomenicali uvakashele ukuvulwa kwesizini ye-MotoGP e-Portugal ngempelasonto njengoba enze khona isiphakamiso esingabazekayo ku-SportTV.

“Ngiyakweseka ukuhoxiswa kwezinhlelo zokuzilolonga zamahhala eziwusizo olukhulu konjiniyela kodwa umphakathi awukuthandi lokho,” etshela lo msakazi.

Amazwi akhe agqamise inkinga enkulu i-Formula 1 ebhekene nayo, kodwa kumele bazame ukwenza lokho abalandeli abakufunayo futhi ngethemba lokuthi kuzosebenza.

Ukulandela lokhu okufunwa abalandeli kungaba umqondo ophusile. Abalandeli bafuna umjaho osezingeni eliphezulu kuphela.”

Futhi umjaho omuhle uvela emahoreni okuzilolonga nokuthuthuka. Ukuhoxisa isikhathi sokuzilolonga kuzokwenza amaqembu ahluleke ukuzilungiselela ngokwanele kwandise nobungozi kubashayeli.

UDomenicali uphakamise nokuthi ukwenza ukuzilolonga kuthakazelise kakhulu kunganikezwa amaphuzu okuqhudelana ezikhundleni.

“Ngempelasonto ejwayelekile, le ehlanganisa inombolo yokuqala neyesibili yokuzilolonga yamahhala ngoLwesihlanu, iseshini ngayinye kufanele inikezwe amaphuzu, noma umzuliswano owodwa mhlawumbe nomjaho wangoMgqibelo ohlukile omfushane, esikhundleni somdlalo wesithathu wokuzilolonga, mhlawumbe ngomshini we-grid,” etshela iphephandaba lase-Italy i-Corriere della Sera ngonyaka odlule.

Ukwethulwa kwemijaho ye-sprint ka-25% wemijaho yangoMgqibelo iqhinga elingakafinyeleli kulokho obekulindelekile.

Lo mdlalo uzama ukumisa izinto ezivikela amasondo ngokuphelele, eziwasiza ukuwagcina efudumele ngokwanele ukuze asebenze ngendlela okuhloswe ngayo.

I-Formula 1 nayo kulindeleke ukuthi yethule ukuvinjelwa kwamathayi ngemikhawulo eqinile ikakhulukazi kwiseshini yokuqala, amathayi aphakathi nendawo kwiseshini yesibili kanye namathayi athambe  kakhulu kuseshini yokugcina.

Kuyiqiniso elaziwayo ukuthi uma izikhulu zikhathalela imali imidlalo iyaphazamiseka.

Isithombe esingenhla: UStefano Domenicali

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva