I-Fifa nezinhlelo zokusebenzisana kahle namazwe 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Fifa isivume ukukhokhela amaqembu ase-Europe imali engango-R2.4 billion engaphezulu kwaleyo abayikhokhelwayo njengamanje ukuze akhulule abadlali eNdebeni yoMhlaba.

Esinyathelweni esizothuthukisa ubudlelwano phakathi kwenhlangano eyengamele ibhola namaqembu ayo, uMengameli we-Fifa uGianni Infantino usayine isivumelwano esisha sokusebenzisana e-Budapest ngoMsombuluko ne-European Clubs Association (ECA).

Lesi sivumelwano sizosho ukuthi amaqembu anezwi elikhulu ekhalendeni lebhola, okuvumela ukulingana phakathi kweligi nebhola lamazwe ngamazwe.

Umfelandawonye uvumile ukuthi uzokwenyusa isinxephezelo sawo emaqenjini ngokudedelwa kwabadlali beNdebe yoMhlaba sisuka ku-$209 million emiqhudelwaneni ka-2018 nango-2022 siye ku-$355 million ngo-2026 nango-2030.

“Lolu usuku olubalulekile olukhombisa ikusasa lebhola kanye nokuzinza kwalo kwesikhathi eside,” kusho u-Infantino ku-Fifa.com.

“Sijabule kakhulu ukuvuselela nokuqinisa isivumelwano sethu sokusebenzisana ne-ECA, ababambiqhaza ababalulekile nabamele amaqembu avela kulo lonke elase-Europe.”

“Ukuba nekhalenda lemidlalo yamazwe ngamazwe eligunyazwe i-ECA kunikeza okudingekayo phakathi kwebhola lamaqembu nelamaqembu esizwe.”

“Sinezinhlelo ezithokozisayo ezizayo ezihlanganisa iNdebe yoMhlaba ye-Fifa entsha ngo-2025 kanye neNdebe yoMhlaba yabesifazane ye-Fifa entsha. Ukubambisana namaqembu ase-Europe nomhlaba wonke kubalulekile ukuze esikuhlelayo kuphumelele.”

USihlalo we-ECA noMengameli we-PSG, uNasser al-Khelaifi naye uzisekelile lezi zinhlelo ezintsha wathi zizokwenza ukuthi abadlali bavikeleke kakhudlwana kanye nokukhuphuka kwemali engenayo.

“Ngemuva kwezingxoxo ezinde nezinzima sesikuzuzile lokho abaningi abebecabanga ukuthi bekungeke kwenzeke ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.”

“Isivumelwano esisha sizohlomulisa amaqembu amaningi emhlabeni jikelele, hhayi i-ECA kuphela kanti nemali engenayo ethe xaxa izosiza ekuvikeleni abadlali. Njengoba ngihlale ngisho uma sisebenza ngokubambisana futhi sandise imifelandawonye yethu wonke umuntu uzozuza.”

“Leli bhizinisi elihlongozwayo esizoxoxa ngalo ne-Fifa ukuze kudayiswe iNdebe Yomhlaba lizovula nemithombo emisha yokuthola imali emiqhudelwaneni yamaqembu emhlabeni wonke. Amaqembu azosebenzisana kakhulu ne-Fifa nezinyunyana ekhalendeni lemidlalo yamazwe ngamazwe.”

“Thina siyaziqhenya ngokuba nabadlali bethu abadlalela amaqembu abo esizwe futhi manje sesinomqulu wokubambisana siphinde sixoxisane ngenqubo yalezi zinguquko ezintsha, okuyilapho abadlali bethu bezoqhubeka nokufakwa umshwalense wokulimala.”

Isithombe esingenhla: UGianni Infantino

Umthombo wesithombe: @itsrohitchouhan

Izihloko zakamuva