I-Fifa nengcindezi yokunxephezela abaphuma emazweni angaphandle e-Qatar

Dylan Bettencourt

IFifa kanye nabahleli beNdebe yoMhlaba abazange banxephezele izinkulungwane zabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abalahlekelwe izimpilo zabo noma abalimele ngesikhathi besebenza e-Qatar.

Inhlangano kanobhutshuzwayo yaseMelika i-US Soccer, ihlanganyele namanye amazwe ayisithupha adlala kwiNdebe yoMhlaba ukunxenxa abazobamba imidlalo yeNdebe yoMhlaba ukuthi bakhiphe u-R7.6 billion wokunxephezela imindeni yabasebenzi okukhulunywa ngabo.

NgoNhlolanja nyakenye i-The Guardian yaveza ukuthi selokhu kwaqala ukwakhiwa ezinkundleni zeNdebe yoMhlaba ngo-2010, bangaphezu kuka-6,500 abaphuma emazweni angaphandle asebeshonile.

NgoNhlaba walo nyaka i-Human Rights Watch ihambisana ne-Amnesty International kanye ne-FairSquare basungule umkhankaso we-PayUp “wesikhwama sesinxephezelo” ukuze kube nesinxephezelo sezimali ngokushona, ukulimala, imiholo engakhokhelwa kanye nezindleko zokuqasha e-Qatar.

Lo mkhankaso unomgomo wokuqinisekisa ukuthi umndeni ngamunye othintekile uthola isinxephezelo esiphakathi kuka-R100,000 no-R180,000.

“Ukwehluleka ukunxephezela le mindeni kuzoholela ekutheni esinye isizukulwane sibanjwe ukusebenza kanzima kanye nobugqila besimanje. I-Fifa inganikela kalula ngayo yonke le mali kanjalo ne-Qatar,” kusho uMinky Worden ongumqondisi wezinhlelo zomhlaba we-Human Rights Watch.

I-Fifa ayikaphenduli izicelo zomkhankaso zokuthi bafake isandla kulo mkhankaso. IPhini lomqondisi we-Human Rights Watch uMichael Page uthe lokhu “kuyihlazo.”

“Nakuba abadlali bebhola abaqavile, izinhlangano zebhola kanye nabaxhasi beseka umkhankaso we-#PayUpFifa kanye nokuthi abantu abaningi beseka lo mkhankaso, i-Fifa yehlulekile ukuzibophezela ngokufaka imali esikhwameni sokusiza izinkulungwane zabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abashona, abalimala noma abantshontshelwa imiholo ngesikhathi belungiselela iNdebe yoMhlaba,” esho.

Kodwa-ke, iphini likanobhala we-Fifa u-Alasdair Bell uthe ngesonto eledlule ukunxeshezelwa kwabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle e-Qatar “ngokuqinisekile kuyinto esifisa ukuthi ithuthuke”.

I-Fifa kanye nabahleli beNdebe yoMhlaba ezayo bathi ayikho inkinga ngezimo zokusebenza zabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle kuleliyazwe.

Lokhu kwenzeka naphezu kokuthi izinkulungwane zabasebenzi balahlekelwa izimpilo zabo, imibiko yezimo zokuphila ezimbi kanye nezikhulu zezokuphepha ezidalula ukuthi basayina izinkontileka zobugqila.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva