I-FIFA kanye neNhlangano yeZizwe bazosebenzisana ukuze baqede ukuhlukunyezwa ngokocansi kwezemidlalo

Dylan Bettencourt

I-FIFA kanye neNhlangano yeZizwe (i-UN) bahlele ukuhlangana ukuze basungule inethiwekhi yophenyo yomhlaba wonke ukuze kuliwe nokuhlukunyezwa ngokocansi kuyo yonke imidlalo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi kubikwe ngamahlazo okunukubezwa ngokocansi e-Haiti nase-Afghanistan kulo nyaka.

I-FIFA kanye nehhovisi leNhlangano yeZizwe lezidakamizwa nobugebengu bathi leli qembu lisungulwe njengempendulo “kwinselelo  yokuhlukunyezwa okuyinkimbinkimbi, okulimazayo nokubi kakhulu e-Afghanistan nasebholeni lase-Haiti.”

Inethiwekhi izosebenzisana nabezomthetho wendawo ukuze basize ekuletheni abenzi bobubi phambi kobulungiswa.

Okhulumela i-FIFA uthe inhloso yokusungula le nhlangano bekuwukusiza izinhlaka zamajaji ezemidlalo ukuthi ziphenye futhi zilawule amacala okuhlukumeza ngendlela efanele.

Kodwa-ke, inhlangano ye-Human Rights Watch, kanye nenyunyana yabadlali bamazwe ngamazwe i-Fifpro, baphakamise ukukhathazeka ngokuthi i-FIFA iyinhlangano efanele yini ukusungula inethiwekhi yophenyo uma kubhekwa umlando wayo omubi wokubhekana namacala okuhlukumeza ngokocansi.

“I-FIFA ayinalo uhlelo oluvumela ukunakekelwa nokuvikelwa kwabasindile. Uhlelo lusatshekile futhi alusizi ngalutho kulabo abasindile,” kusho i-Human Rights Watch.

I-Fifpro ithe nakuba i-FIFA inganconywa ngokuqala lolu hlelo, kusenamaphutha ezindleleni zokubika.

“Okukhulu esihlangabezana nakho ukuthi abadlali bebhola abakubiki ukuhlukunyezwa ngoba izindlela zokubika emdlalweni zixhumene kakhulu nezinhlaka zamandla,” kusho isitatimende se-Fifpro.

“Abadlali abathembi ukuthi lolu hlelo alunabandlululo futhi luphephile njengoba benga kholwa ukuthi luzophenya wonke umuntu obambe iqhaza, noma owaziba ukuhlukumeza.”

OMengameli ababili owe-Afghan Football Association kanye nowe-Haitian Football Association bavinjelwe impilo yabo yonke ukuphinde babe yingxenye kwezemidlalo ngemuva kokutholwa benecala lokunukubeza ngokocansi abadlali bebhola besifazane abasebancane, abanye babo okwakuyizingane.

Umthombo wesithombe: @UNODC

Izihloko zakamuva