I-FIFA isimise unompempe wase-Senegal odale udweshu emdlalweni obuphakathi kweBafana Bafana ne-Ghana

Menzi Magubane

Kungahle kube nokukhanya ebholeni laseNingizimu Afrika kanye ne-South African Football Association (i-SAFA) ngemuva kokuthi i-CAF ne-FIFA bemise uMaguette N’Diaye ngokushesha ngoMsombuluko.

Yize singakabi bikho isinqumo mayelana nokuphindwa komdlalo oholele ekutheni iBafana ihluleke ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA, ukumiswa kukaN’Diaye kubukeka njengesinyathelo esihle.

Unompempe wase-Senegal, uN’Diaye ungunompempe onikeze i-Ghana iphenathi eyaba ngundabuzekwayo ngenkathi idlala neBafana Bafana mhla ziyi-14 kuLwezi. Iphenathi eyakhahlelwa u-Andre Ayew, yiyona eqede umjaho weBafana wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA.

Yize kwamukelwa ukumiswa kukaN’Diaye, abantu baseNingizimu Afrika banethemba lokuthi kukhona okungenziwa okungaphezu kokumiswa kukanompempe. I-SAFA kanye neNingizimu Afrika bangagubha ngokugcwele uma i-FIFA isikhiphe isinqumo esivuna bona sokuphindwa komdlalo.

Kodwa-ke, njengoba kusasenjena, kuwukuqagela kwanoma ngubani ukuthi i-FIFA izonquma ini. Sekudlule izinsuku eziyisithupha i-FIFA ihlangane e-Zurich ukudingida lolu daba.

I-FIFA ithembise i-SAFA ukuthi izomemezela abakutholile ngalolu daba ngesonto eledlule ngoLwesibili.

UN’Diaye uthathwa njengomunye wonompempe abahamba phambili e-Afrika kanti i-CAF ivamise ukumbiza kuqala uma kunemiqhudelwano emikhulu.

Ukumiswa kusho ukuthi uN’Diaye angahle aphuthelwe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo. Lokhu kuzoqeda amathemba akhe okufakwa konompempe be-CAF abazobe bephethe iNdebe yoMhlaba.

I-Ghana Football Association ibilokhu izama ukukholisa i-FIFA ukuthi umbhikisho we-SAFA awunasidingo. Bathi uN’Diaye wenze kahle ngokunikeza i-Black Stars iphenalthi.

Imibiko iveza ukuthi ilungu le-FA lase-Ghana elibekwe phezulu lalise-Senegal emasontweni amabili ngaphambi komdlalo we-Ghana neBafana. Nalokhu kungahle kusetshenziswe i-FIFA mayelana ne-Ghana FA njengoba i-SAFA isivele inemibuzo ngalokhu kuvakasha.

Umthombo wesithombe: @GhanaFA

Izihloko zakamuva