Dylan Bettencourt
I-FIFA isichithile isicelo se-SAFA nephenalthi eyanikezwa i-Ghana emdlalweni wokuhlungela indebe yomhlaba, njengoba nokumiswa kukanompempe kufana nokudelelwa.
Ngemuva kokwehlulwa ngelilodwa eqandeni i-Ghana, i-SAFA ikhiphe isikhalo ngonompempe uMaguette N’Diaye.
Ngemuva kokubambezeleka izikhathi eziningi ekwenzeni isinqumo sabo, i-FIFA imemezele ukuthi izomisa unompempe wase-Senegal ngenxa yokungaphathi kahle lo mdlalo, kodwa ngoLwesihlanu i-FIFA yachitha isicelo esenziwe i-Safa esinqumweni esigxekwe kakhulu.
I-SAFA ifake izinsolo zokuthi kube nokulungiswa kwemidlalo ngenxa yokwanda kokubheja ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, kodwa i-FIFA yazichitha izicelo zabo.
Ukumisa unompempe ngenxa yokungaphathi kahle umdlalo ngelinye lamacala, kanti nokuchitha isicelo se-SAFA sokukhishwa kwephenalthi obekungamele ikhishwe kulethe ukudideka okukhulu.
Ukumiswa kukaN’Diaye kushiya isizathu sokukholelwa ukuthi wenze isinqumo esingalungile ngesikhathi enikeza ama-Black Stars iphenalthi, kodwa ukungasinaki isicelo se-SAFA kwenza kucace ukuthi unompempe wenze isinqumo esifanele.
“I-SAFA izocubungula ukukhetha kwayo ngemuva kokuba i-FIFA ichithe isicelo sayo kulandela ukushaywa kweBafana Bafana ngelilodwa eqandeni ngesikhathi ibhekene ne-Ghana ngenyanga edlule,” kusho isitatimende se-SAFA ngoLwesihlanu.
Lesi sinqumo esididayo nesingachazwanga se-FIFA sisho ukuthi ukuzimisela kanzima kweqembu kulezi zinyanga akanamvuzo, futhi lokho kuphule izinhliziyo zezigidi zabathandi bebhola baseNingizimu Afrika.
Ukuthi iBafana ibizokwazi yini ukungena emdlalweni elandelayo e-Qatar ngonyaka ozayo noma cha, iqembu likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika belisemgudwini ofanele futhi ukuhlungela esigabeni esilandelayo bekungaba yigxathu elikhulu kulokho.
Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes