I-FIFA iphinde yaphoxa uMosimane

Menzi Magubane

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni wonke i-FIFA, iphoxe uPitso Mosimane kanye ne-Al Ahly njengoba izovumela ukuthi leli qembu lidlulele kwi-Club World Cup ngaphandle kwabadlali balo abathile abahamba phambili.

Ompetha base-Afrika bazoya kulo mqhudelwano ose-United Arab Emirates kuleli sonto ngaphandle kwabadlali abamqoka abayisikhombisa, ngenxa yemidlalo yamazwe nokulimala.

Njengoba i-Egypt idlulela kowandulela owamanqamu kweye-Africa Cup of Nations, uMosimane kuzomele adlale ngaphandle kwabadlali abayisithupha abadlalela iqembu.

UMohamed El-Shenawy, u-Ayman Ashraf, u-Akram Tawfik, uHamdi Fathi, u-Amr El-Sulaya kanye noMohamed Sherif bazophuthelwa iNdebe Yomhlaba Yekilabhu yalo nyaka.

Samsung Galaxy 14G

Umgadli weBafana Bafana uPercy Tau naye ngeke abe khona kulo mqhudelwano ngemuva kokulimala umsipha ngoMgqibelo.

Uma sikhuluma iqiniso, i-FIFA iqinisa isandla kwi-Red Devils. Bebengalinda baqale umqhudelwano ngemuva komdlalo wamanqamu we-Afcon ngeSonto. UMosimane sekuzomele adlale neqembu lakhe elibuthaka.

Khonamanjalo, ompetha base-Europe, i-Chelsea banikezwe ikhefu nje ukuze bakwazi ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano. Njengoba i-English Premier League izothatha ikhefu elincane, ompetha base-Europe bazoba nesikhathi esiningi sokuphumula kahle ngaphambi kwalo mqhudelwano.

Iqembu likaMosimane lizobhekana neqembu lase-Mexico, i-Monterrey emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo ebusuku enkundleni yezemidlalo i-Al Nahyan, e-Abu Dhabi. Lo mdlalo uzodlalwa ngosuku olwandulela owamanqamu we-Afcon.

Iqembu elizowina kulowo mdlalo lizobhekana ne-Palmeiras yase-Brazil kowandulela owamanqamu, kanti i-Chelsea izobhekane neqembu eliwine kowandulela owamanqamu wesibili.

Kuzobe kungokwesithathu uMosimane egila izimanga kulo mqhudelwano. Ngo-2016, wabamba iqhaza njengomqeqeshi weMamelodi Sundowns ngemuva kokuwina i-CAF Champions League. Kulo nyaka kuzobe kungokwesibili edlala neqembu lase-Egypt.

Nyakanye waphuma endaweni yesithathu ngemuva kokuhlula i-Palmeiras.

UMosimane uzobe enethemba lokwenza kangcono kunangonyaka odlule kodwa ngaphandle kwabadlali bakhe abaqinile nabazimiselayo eskwatini, kuzoba umsebenzi onzima kakhulu lowo.

Umthombo wesithombe: @therealpitso

Scrolla World Cup Quiz