I-FIFA ihlongoza izinguquko kweyendebe yomhlaba

Dylan Bettencourt

I-Fifa ibheka izindlela zokwelula isikhathi semidlalo yeNdebe yomhlaba e-Qatar ngemizuzu eyishumi.

Izinhlelo zebhodi elibusayo emhlabeni lenze izinhlelo zokuthi imidlalo ibe imizuzu eyikhulu, esikhundleni semizuzu engu-90 ejwayelekile.

I-Fifa kuthiwa izolula imidlalo ngemizuzu eyishumi ukuze kwandiswe isikhathi okugijinywa ngaso enkundleni, ngokusho kwe-Corriere dello Sport.

Ucwaningo olwenziwe i-CIES Football Observatory luthole ukuthi ibhola lidlalwa kuphela ngamazinga angu-64.7% emdlalweni ye-Champions League, kanti lesi sibalo sehle safinyelela ku-62% kwi-Premier League.

Imizuzu eyishumi eyengeziwe iwumzamo wokwandisa isikhathi esichithwa ebholeni phakathi nemidlalo, nakuba i-Fifa ingenabo ubufakazi bokuthi imidlalo emide ingasithuthukisa leso sibalo.

Ukuguqulwa komthetho kufanele kuvunywe i-International Football Association Board (I-FAB) enquma  imithetho okumele yamukelwe noma inqatshwe.

I-Fifa eminyakeni yakamuva izame ukushintsha usiko lweNdebe yoMhlaba ifuna lo mqhudelwano ube khona njalo eminyakeni emibili, esikhundleni seminyaka emine.

Isigungu esilawulayo siphinde sabheka ukuthi kungenzeka yini ukusingatha iNdebe yoMhlaba namaqembu angu-48 azodlala kulo mqhudelwano wonyaka ka-2026, okuhlanganisa namaqembu angu-16.

Le mibono kuthiwa izophuma kuMengameli we-Fifa, uGianni Infantino, okubhekwe ukuthi ihlandla lakhe liphele ngonyaka ozayo.

U-Infantino usememezele ukuthi uzongenela ihlandla lesithathu uma kuqala ukhetho ngonyaka ozayo.

I-Fifa kanye nezinguquko zemithetho ehlongozwayo bathole ukugxekwa okukhulu, kubalandeli nezinhlaka zebhola zezifunda, kodwa kusazobonakala ukuthi abalandeli bazowuthatha yini umbono wokwandiswa kwesikhathi ngemizuzu eyishumi.

Umthombo wesithombe: @KBC

Izihloko zakamuva