Dylan Bettencourt
Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni i-FIFA isiveze uhlelo lokuthi ifuna impinda emdlalweni obuphakathi kweBafana Bafana ne-Ghana.
Lokhu kulandela ukuhlulwa kweBafana ngegoli elilodwa eqandeni idlala ne-Ghana ngeSonto, lapho i-Ghana ethole khona iphenalthi esuse umsindo. I-South African Football Association (i-SAFA) yethule isikhalo ngokusemthethweni mayelana nokuthi kulungiswe umdlalo kanti i-FIFA iyasibuyekeza lesi sikhalo.
I-FIFA iqinisekise ngoLwesithathu ukuthi mhla zingama-20 kuLwezi, i-Ghana Football Association izoba nezinsuku ezintathu zokubeka udaba lwayo esigungwini esilawulayo.
I-FIFA izobe isiwabheka womabili la macala mhla zingama-23 kuLwezi ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthi ngabe kukhona isandla semfene yini noma cha.
“Sifisa ukwazisa i-South African Football Association kanye ne-Ghana Football Association ukuthi umbhikisho oshiwo ngenhla uzothunyelwa kwilungu le-FIFA Disciplinary Committee mhla zingama-23 kuLwezi wezi-2021,” kusho incwadi evela ku-FIFA eya ku-SAFA.
Esithangamini sabezindaba se-SAFA ngoLwesithathu, unozinti weBafana uRonwen Williams uthe ubezizwa sengathi unompempe ubemqondile ngeSonto.
UWilliams uthi utshelwe ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo ukuthi uzonikezwa amakhadi aphuzi ngokumosha isikhathi.
Lo nozinti uthe abafana abaletha amabhola nabo abawenzanga umsebenzi wabo njengakuqala.
Uthe kuyo yonke le midlalo yokuhlunga amabhola abesemakhoneni eceleni kwenkundla.
“Kulo mdlalo abafana abaletha amabhola bebephethe amabhola ezandleni zabo okuyinto engekaze yenzeke emdlalweni wokuhlunga,” esho.
UMengameli we-SAFA, uDanny Jordaan, usole ukuthi kube nezigigaba zokubheja ngesikhathi kuqhubeka lo mqhudelwano, eveza ukukhathazeka ngokuthi imiphumela yokubheja ihlobene nokulungiswa kwemidlalo.
“Kuyiqiniso ukuthi bekubhejiwe kulo mdlalo,” kusho uJordaan esithangamini nabezindaba.