Lubhalwe nguDylan Bettencourt
I-Fifa isinqume ukuthi asikho isikhala sothando eNdebeni yoMhlaba ese-Qatar ngokungavumeli amabhande okaputeni e-OneLove negama elithi “uthando” ejezini lesibili lase-Belgium.
Amazwe amaningana abezogqoka ibhande likakaputeni elithi-OneLove ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba nakuba i-Fifa ingazange ikugunyaze lokhu.
Okaputeni bekumele baqhubeke nombhikisho kungakhathalekile kanti ngoMsombuluko kuvele ukuthi okaputeni bazonikezwa ikhadi eliphuzi ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo uma begqoke ibhande le-OneLove.
Abadlali abafana noHarry Kane noVirgil Van Dijk bakhethe ukungaligqoki ibhande besaba ukuthola ikhadi umdlalo ungakaqali.
NgoMsombuluko, i-Fifa yenze elinye igxathu ngokumemezela ukuthi ijezi lase-Belgium elikhombisa igama elithi “uthando” ngaphakathi ejezeni ngeke lisetshenziswe kubika i-ESPN.
“Umthombo utshele i-ESPN ukuthi i-Fifa ayivumanga ngisho nokuxoxisana yanqaba ngokuphelele ukuxoxa ngalolu daba nomfelandawonye wase-Belgium.
Okwamanje abakanqumi ukuthi bazosamukela yini isicelo somfelandawonye wamazwe ngamazwe,” kusho umbiko.
I-Belgian Football Federation iphendule ngokuthi iqembu lizogqoka ijezi elibomvu lasekhaya kweyamaqoqo bebhekana nalolu daba uma selidlulela esigabeni somkhumulajezi.
Kwesinye isigameko intatheli yaseMelika, uGrant Wahl inqatshelwe ukungena emdlalweni weMelika ibhekene ne-Wales ngenxa yokuthi isikibha sakhe besinothingo oluzungeza ibhola.
Ngemuva kokuthi egcine evunyelwe ukungena enkundleni onogada bamtshele ukuthi kwenzelwa ukuphepha kwakhe kubantu abangaphakathi enkundleni abangase bamhlasele.
I-Fifa yathi wonke umuntu wamukelekile kulo mqhudelwano, kodwa ukuvinjwa kwegama “uthando” kukhombisa ukuthi akunjalo.
UMengameli we-Fifa uGianni Infantino uzame ukuvikela imithetho yase-Qatar mayelana nalolu daba ngokuthi ngaphambi kosuku kuqale umbukiso wazizwa njengomuntu othandana nobulili obufana nobakhe.
“Namuhla ngizizwa ngingowase-Qatar. Namuhla ngizizwa ngingum-Arab. Namuhla ngizizwa ngingum-Afrika. Namuhla ngizizwa ngingumuntu othandana nobulili obufana nobami.
Namuhla ngizizwa ngikhubazekile. Namuhla ngizizwa ngiyisisebenzi esifudukayo,” esho njengengxenye yenkulumo eyathatha ihora lonke.
U-Infantino kungenzeka ukuthi wazizwa engumuntu othandana nobulili obufana nobakhe, kodwa umqondo wothando kuzo zonke izici ubonakala uvinjelwe kulo mqhudelwano.
Isithombe esingenhla esejezi le-Belgium elinophawu lothando
Umthombo wesithombe:@Goal