Dylan Bettencourt
Abaphathi be-FIA, kwi-Fomular 1, bavumile ukuthi “iphutha elenziwe ngumuntu libe neqhaza kwisinqumo somqhudelwano we-Abu Dhabi Grand Prix.
Isizini enezingxabano iphele ngesikhathi uMax Verstappen ephakamisa isicoco sakhe sokuqala ngemuva kokuthi umqondisi womjaho uMichael Masi evumele izimoto ezinhlanu kuphela ukuthi zidlule ohola umjaho, okuwukuphulwa kwemithetho yezemidlalo.
NgoMgqibelo, amahora ambalwa ngaphambi kweseshini yokuqala yesizini ye-Formula 1 yonyaka ka-2022, abaphathi bakhiphe umbiko ngalesi sigameko.
Baveze ukuthi amaphutha enzekile kodwa banquma ngokuthi uVerstappen uzosigcina isicoco sakhe, kanti lolu daba seluvaliwe.
Yize uMasi ekhishiwe esikhundleni sakhe njengomqondisi womjaho, umbiko uthe “usebenza ngokwethembeka nangolwazi lwakhe lonke uma kubhekwa izimo ezinzima.”
Lo mbiko uveze ukuthi umqondisi wase-Australia wephule imithetho ye-Fomula 1, wengeza ngokuthi “ubize imoto yokuphepha yabuyela emzileni ngaphandle kokuthi ijike ekhoneni njengoba umthetho we-Formula 1 Sporting usho njalo.”
Umbiko wengeze ngokuthi uMasi ubengaphansi kwengcindezi enkulu njengoba abamele amaqembu uToto Wolff (Mercedes) noChristian Horner (Red Bull) bebenephutha emlayezweni yabo emsakazweni kumqondisi womjaho.
“Bebephazamisa ngesikhathi umqondisi womjaho edinga ukugxila ekwenzeni izinqumo ezinzima nezicindezelwa isikhathi,” kusho i-FIA.
Njengoba uVerstappen ephinde wagcina isicoco sakhe sokuqala somhlaba, uHamilton uqhubekile nemizamo yakhe yokwenza umlando ngokuwina isicoco sakhe sesishiyagalombili – bekuyi-Ferarri ephume phambili emjahweni wangoMgqibelo.
Iqembu lase-Italy elihlaba umxhwele libone umshayeli uCharles Leclerc ethatha indawo yokuqala ye-Poli yesizini kwathi umpetha uVerstappen waqeda endaweni yesibili.
I-Mercedes ibukeka ingemuva kwe-Ferrari ne-Red Bull njengoba uHamilton ezoqala i-Grand Prix yangeSonto endaweni yesihlanu – umshayeli omusha wakwa-Mercedes uGeorge Russell uvumelekile ukuqala endaweni yesishiyagalolunye.
Umthombo wesithombe: @SouthChinaMorningPost