I-Ethiopia isisebenzisa izindiza ukuqeda izimpi zayo

Arthur Greene

Ngemuva kokulahlekelwa okukhulu kumasosha ase-Tigray, amasosha ase-Ethiopia athathe impi ayiyisa esibhakabhakeni, eqala ukuhlasela ngezindiza eziya enkabeni yedolobha lase-Tigray i-Mekelle.

Cishe bayishumi abantu abashonile ngesikhathi izindiza ezimbili zihlasela indawo yokuhlala ngoLwesithathu.

Abahlanu bashonele endaweni yesigameko e-Midre Genet kwathi abanye bashonela besendleleni eya esibhedlela, kusho uKibrom Gebreselassie, oyisikhulu esiphezulu sesibhedlela i-Ayder Referral.

Udokotela ohlinzayo esibhedlela esifanayo utshele i-Al Jazeera ukuthi ibhomu lokuqala lilimaze abesifazane ababili. 

Ngemuva kwalokho ukuhlaselwa kwesibili bekuqondiswe kubantu  abahlangene ukuze basize futhi babone izisulu.”

UGebreselassie utshele abe-Reuters ukuthi owesilisa obelimele ulethwe esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa kwangesonto eledlule.

Uthe isibhedlela sakhe siyashoda kakhulu ngezinsiza ezidingekayo ukuze kusindiswe abalimele.

Selokhu kwaqala ukuliwa ngoLwezi ngonyaka ka-2020, lokhu kuvimbele cishe lonke usizo ukuthi lungene esifundeni esisenyakatho ne-Tigray. I-UN manje ilinganisela ukuthi abantu abangaphezu kuka-90% abakhona badinga usizo oluphuthumayo.

NgoNdasa kwadingeka ukuthi kumiswe umbango, ngesikhathi olunye usizo luvunyelwa ukungena kulesi sifunda, kodwa ukudla, imithi, izinsiza zamabhange, ezokuxhumana kanye nezolimo kusalokhu kuvaliwe.

Ukuthula kuqhubeke kwaze kwaba ngumhlaka-24 kuNcwaba, ngesikhathi kuqubuka ingxabano ezindaweni eziningi. 

I-Tigrayan Defence Force (i-TDF) kanye ne-Oromo Liberation Army (i-OLA) bathole isisekelo esibalulekile kumasosha e-federal kanye ne-Amharan, bathumba izindawo ezimbalwa, kuhlanganise ne-Woldiya e-Amhara.

I-Eritrea ingumakhelwane isondelene noNdunankulu wase-Ethiopia u-Abiy Ahmed futhi ngemuva nje kwalokho yathumela izinkulungwane zamasosha ukuthi ayolwa ne-TDF.

Ehlulwa impi phansi u-Ahmed uyise impi emoyeni, esebenzisa izindiza ezisuka e-Iran nase-Turkey ukuhlasela izindawo zokuhlala.

Phakathi kokulwa, abaholi bamaqembu womabili bavumelene ngezingxoxo zokuthula eziqhutshwe e-Djibouti ngempelasonto. Umphumela walezi zingxoxo awukacaci kahle, kodwa ukuqala kwazo akwenzanga lutho ukudambisa impi echitha igazi ehlasele lesi sizwe esinezinxushunxushu kule minyaka emibili edlule.

Umthombo wesithombe: @trtworld

Izihloko zakamuva